Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:44 - IsiZulu 2020

44 “Obalekela ukwesaba, uyakuwela emgodini; okhuphuka emgodini, abanjwe wugibe; ngokuba ngiyakwehlisela lezi zinto phezu kwabakwaMowabi, ngonyaka wokujeziswa kwabo,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 “Obalekela ukwesaba uyakuwela emgodini, okhuphuka emgodini uyakubanjwa ogibeni, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwabo, phezu kukaMowabi, umnyaka wokujeziswa kwabo,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Obalekela ukwesaba uyawela emgodini; futhi lowo ophuma emgodini uyobanjwa ogibeni; ngoba ngiyoletha phezu kwalo unyaka wokuhanjelwa kwabo phezu kukaMowabi,” kusho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:44
22 Referans Kwoze  

akuyukuba bikho nsali kubo, ngokuba ngiyakubehlisela inhlekelele abantu base-Anathothi, ngonyaka wokujeziswa kwabo.’ ”


Kuyokuthi obalekela inkemba kaHazayeli, abulawe nguJehu, obalekela inkemba kaJehu, abulawe ngu-Elisha.


Kunjengokuba ethi umuntu ubalekela ibhubesi, ahlangane nebhele, athi uya endlini ancike ngesandla odongeni, alunywe yinyoka.


Ngisho namabutho alo aqashiwe, aphakathi kulo, anjengamathole akhuluphalisiweyo; nawo aphenduka abaleka kanyekanye, awazange eme ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selufikile; isikhathi sokujeziswa kwabo.


Omuhle kubo unjengehlokozi elinameva; oqotho kubo mubi kunothango lwameva. Usuku lwabalindi bakho nolokujeziswa kwakho sekufikile; sekuyakuba ngukudideka kwabo.


Sezifikile izinsuku zokujeziswa, izinsuku zokuphindisela, u-Israyeli makakwazi lokho. Umphrofethi uyisiwula, umuntu onomoya uyahlanya ngenxa yeziphambeko zakho eziningi nangobutha obukhulu.


Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa, ngesikhathi abayojeziswa ngaso ziyakushabalala.


“Ngakho-ke indlela yabo iyakuba bushelelezi kubo; bayakududulelwa ebumnyameni, bawe kubo; ngiyobehlisela inhlekelele ngonyaka engiyobajezisa ngawo,” kusho uSimakade.


“Ngokuba, niyabona, ngizakuthumela abadobi abaningi babadobe,” usho kanje uSimakade, “ngithumele nabazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo wonke amagquma, nasemifantwini yamadwala.


Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa, ngesikhathi abayojeziswa ngaso, ziyakushabalala.


Kuyothi obalekela umsindo wokwesaba awele emgodini; ophuma emgodini uyobanjwa wugibe. Ngokuba amafasitela ezulu avuliwe, nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.


Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?


Insali yabalekela emzini e-Afeki; ugange lwawela phezu kwamadoda ayizi-27 000 ayesele. UBheni Hadadi wabalekela emzini, ukuyobhaca.


Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade.


Ngakucupha, wabanjwa, Bhabhele, ungakazi ngalokho; wafunyanwa, wabanjwa, ngokuba ulwile noNkulunkulu.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehle ziyohlatshwa. Maye kuzo! Ngokuba usuku lwazo selufikile; isikhathi sokujeziswa kwazo.


Sehlelwe wuvalo, sizungezwe yimigodi; ukubhujiswa nencithakalo kuphezu kwethu.”


Ukwesaba, umgodi nogibe kuphezu kwenu, nina enakhileyo emhlabeni.


Phendukani, nibaleke, nibhace emigedeni ejulileyo; nina zakhamuzi zaseDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe inhlekelele ka-Esawu, ngesikhathi engiyomjezisa ngaso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite