Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:37 - IsiZulu 2020

37 Wonke amakhanda ayizimpandla, zonke izilevu zigundiwe, nazo zonke izandla zinqunyiwe; kukhona indwangu eyisaka okhalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Ngokuba onke amakhanda ayizimpandla, nazo zonke izilevu zigundiwe; zonke izandla zisikiwe, nasezinkalweni zonke kukhona indwangu yamasaka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Ngokuba onke amakhanda ayakuba yimpandla, nazo zonke izilevu zigundiwe; kuzo zonke izandla kube khona ukusikwa, nendwangu yesaka ezinkalweni zonke.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:37
22 Referans Kwoze  

IGaza iyakuba nempandla, i-Ashikeloni lishabalele, wena nsali yensali yesigodi sabo, uyakuzisika kuze kube nini na?


kwafika amadoda angama-80 evela eShekhemi, eShilo, naseSamariya egunde izilevu zawo, nezingubo zawo ziklejuliwe, nawo ezisikile uqobo, ephethe ngezandla zawo iminikelo yokusanhlamvu nempepho ukuzokunikela endlini kaSimakade.


UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wembatha isaka okhalo lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.


“Izikhulu nabantukazana bayofela kuleli lizwe, abayukungcwatshwa, abayukulilelwa. Abantu abayukuzisika, abayukuwaphuca amakhanda ngenxa yabo,


Ngaleso sikhathi uSimakade wakhuluma ngesandla sika-Izaya, indodana ka-Amozi, wathi: “Hamba ukhumule indwangu eyisaka esokhalo lwakho, nezicathulo ezinyaweni zakho.” Wenza kanjalo, wahamba nqunu, engafake nazicathulo.


Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”


Wayesehlala njalo ubusuku nemini esemathuneni nasezintabeni, ememeza, futhi ezilimaza ngamatshe.


Gunda ube yiphandla, ngenxa yabantwana obathandayo, uyandise impandla yakho njengenqe, ngokuba baya ekuthunjweni.


“Ngiyakuguqula amadili enu abe ngukukhala, namaculo enu wonke abe yisililo, ngiyakubhincisa zonke izinkalo zenu ngendwangu eyisaka, ngenze amakhanda abe zimpandla, kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwalokho kuyakufana nosuku olunomunyu.”


baphuce amakhanda abo ngenxa yakho, babhince indwangu eyisaka, bakulilele kalusizi.


Bayakubhinca indwangu eyisaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni babo bonke, amakhanda abo bonke abe yizimpandla.


Kwathi ukuba inkosi uHezekiya ikuzwe lokho, yaklebhula izingubo zayo, yagqoka indwangu eyisaka, yangena endlini kaSimakade.


Esikhundleni samakha, kuyoba ngukubola; nasesikhundleni sebhande, kube yintambo; esikhundleni sezinwele ezilungiswe kahle, kube yimpandla; nasesikhundleni sesidiya, kube yisibhamba sendwangu eyisaka; nasesikhundleni sobuhle, kube yisishada.


Kwathi inkosi isizwile amazwi alowo wesifazane, yaklebhula izingubo zayo isahamba phezu kogange; abantu bayibona; yayembethe indwangu eyisaka ngaphansi kwezembatho emzimbeni wayo.


Kwathi ukuba u-Ahabi ezwe lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu eyisaka, wazila, walala endwangwini eyisaka, wazulazula ehamba enjengolahliweyo.


Bamemeza ngezwi elikhulu, bazisika ngemimese nangemikhonto ngokomthetho wabo, kwaze kwatshaza igazi kubo.


“ ‘Aniyukuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo; aniyukuqopha mibhalo emabalabala kuyo; nginguSimakade.


URubeni wabuyela emgodini, washaqeka engasamfici uJosefa lapho, wayeseklebhula izingubo zakhe.


“Khihla isililo, Heshibhoni, ngokuba i-Ayi ibhujisiwe, khalani, madodakazi aseRabha, nibhince indwangu eyisaka; nilile, nigijime phakathi kwezingange, ngokuba inkosi yalo izothunjwa, nabaphristi balo nezikhulu zalo, kanyekanye.


“Ndodana yomuntu, uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wawasebenzisa kanzima amabutho akhe ngesikhathi emelene neThire. Wonke amakhanda enziwa izimpandla, namahlombe wonke aklunyulwa, kodwa yena namabutho akhe abakhokhelwanga lutho ngomsebenzi wabo wokuhlasela iThire.


UHanuni wayesezibamba izinceku zikaDavide, waziphuca amakhanda nezilevu, wasika izingubo zazo kwaze kwaba sezinqeni, wayesezikhomba indlela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite