Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:36 - IsiZulu 2020

36 “Ngakho-ke inhliziyo yami ikhalela uMowabi njengomtshingo, ibubulela futhi abantu baseKhiri Heresi njengemitshingo, ngokuba umcebo ababewutholile usushabalele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 “Ngalokho inhliziyo yami ikhalela uMowabi njengemitshingo, futhi inhliziyo yami ikhalela amadoda aseKhiri Heresi njengemitshingo, ngokuba okuseleyo abakuzuzileyo kuyachitheka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Ngakho inhliziyo yami izakhala phezu kukaMowabi njengemitshingo, lenhliziyo yami ikhale njengemitshingo ebantwini beKhiriheresi, ngoba inotho ayizuzileyo ibhubhile.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:36
14 Referans Kwoze  

Yingakho abakutholileyo obekusasele, nemfuyo yabo, bakuwelise uMfula Weminyezane,


Ngakho-ke ingaphakathi lami likhala njengehabhu ngoMowabi, nomphefumulo wami, ngeKhiri Heresi.


Inhliziyo yami ikhalela abakwaMowabi; ababalekileyo bakhona babalekela eZowari nase-Egila shelishiya; bakhuphukela eLuhithe bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi bayadazuluka.


Owenza ingcebo ngokungalungi ufana nentendele echamusela ingazalelanga; iyakumshiya dengwane esaphile ingxenye nje yezinsuku zakhe, ekugcineni abe yisiwula.


O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.


Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho, nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.


Ingcebo yesicebi ingumuzi waso onamandla; injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.


Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.


Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kuyahlenga ekufeni.


Babhubhisa imizi, iziqinti zomhlaba zonke ezinhle, kwaba yilowo nalowo wajikijela itshe lakhe, zaze zagcwala. Bavimba yonke imithombo yamanzi, bagawula yonke imithi emihle, kwaze kwasala kuphela amatshe aseKhiri Hareshethi. Kepha ababephethe izindwayimane balizungeza, balibhubhisa.


Ngakho-ke ngizokhihla isililo ngoMowabi, ngimkhalele wonke uMowabi, ngizakububulela abantu baseKhiri Heresi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite