Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:35 - IsiZulu 2020

35 Ngiyakumqeda nya uMowabi, lowo onikela ezindaweni eziphakemeyo, ashisele impepho onkulunkulu bakhe,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Ngiyakwenza ukuba kuphele kwaMowabi,” usho uJehova, “yena onikela ezindaweni eziphakemeyo noshisela onkulunkulu bakhe impepho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Futhi ngiyakwenza ukuba kuphele kwaMowabi,” usho uJehova, “ohlabela ezindaweni eziphakemeyo noshunqisa umusi aye konkulunkulu bakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:35
8 Referans Kwoze  

Kuyothi lapho uMowabi ezibonakalisa, ezikhathaza endaweni ephakemeyo, aye ethempelini lakhe ukuyothandaza, angaphumeleli.


Bayokhuphukela ethempelini; iDibhoni lenyukele ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala. AbakwaMowabi bayalila ngeNebho nangeMedebha; wonke amakhanda ayizimpandla, nezilevu zonke ziphuciwe.


Ngokuba ngenxa yokwethembela emisebenzini nasengcebeni yakho, nawe uyakubanjwa, uKhemoshi aye ekuthunjweni; abaphristi bakhe nezikhulu zakhe, kanyekanye.


Ngokuba ngangobuningi bemizi yenu, bangako onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wemigwaqo eJerusalema, angako ama-althare eniwamisele le nto enengekayo, ama-althare enishisela kuwo uBhali impepho.’


Umnikelo wabo wokuphuzwayo uyokuba yingxenye yehini lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini ngenqama, nokwesine kwehini ngemvu; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke, kuzo zonke izinyanga zonyaka.


“ ‘Niyokweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nishisele uBhali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite