Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:3 - IsiZulu 2020

3 Umsindo wokukhala okulusizi uvela eHoranayimi, incithakalo, incithakalo enkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Izwi lokukhala livela eHoranayimi, ukuchithwa nokuqothulwa okukhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Izwi lokumemeza livela eHoronayimi, ukubhujiswa nokubhujiswa okukhulu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:3
12 Referans Kwoze  

Inhliziyo yami ikhalela abakwaMowabi; ababalekileyo bakhona babalekela eZowari nase-Egila shelishiya; bakhuphukela eLuhithe bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi bayadazuluka.


“EHeshibhoni, e-Elehale naseJahazi kukhalwa kalusizi; bayezwakalisa izwi labo, kusukela eZowari kuya eHoronayimi, kuya e-Egilathi Shelishiya; ngokuba namanzi aseNimrimi aseshile.


Impela benyukela eLuhithe, behamba bekhihla isililo, nalapho sebehlela eHoronayimi, kuzwakala ukukhala okulusizi, ngenxa yencithakalo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho, azakuba ngumfula okhukhulayo, azokhukhula izwe nokukulo, umuzi nabakhe kuwo. Abantu bayakukhala; bonke abakhe ezweni bayakukhala, bakhihle isililo.


Ngalokho ngithi: “Ningangibuki mina, ngizonikhombisa umunyu ngokulila kalusizi; ningazami ukungiduduza ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.”


ngokuba ukukhala kwabakwaMowabi kuzungeze imingcele yakhona, ukulila kwabo kuze kufinyelele e-Egelayimi, nokububula kwabo kufike eBheri Elimi.


Bayokhuphukela ethempelini; iDibhoni lenyukele ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala. AbakwaMowabi bayalila ngeNebho nangeMedebha; wonke amakhanda ayizimpandla, nezilevu zonke ziphuciwe.


Lo muntu makabe njengemizi uSimakade ayigumbuqela ngokungenasihawu, makezwe ukukhala ekuseni, nokumemeza kokwethuka ngesikhathi sasemini,


UMowabi ubhujisiwe; abancane bakhe nezinceku zakhe bakhala kalusizi.


“Yizwani umsindo wokukhala kalusizi uvela eBhabhele, nowencithakalo enkulu ophuma ezweni lamaKhaledi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite