Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:26 - IsiZulu 2020

26 “Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuSimakade; uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe yinhlekisa futhi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 “Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova; uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe ngohlekwayo naye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova; UMowabi naye uyakuhuquza ebuhlanzweni bakhe, naye abe usulu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:26
37 Referans Kwoze  

Kuyothi lapho sebefa yindlala, ngibenzele idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho uSimakade.


UMowabi uyobhujiswa, angabe esaba yisizwe, ngokuba uzikhukhumezile kuSimakade.


Zimangaliseni, nimangale; ziphuphuthekiseni nibe yizimpumputhe; dakwani, kodwa kungengawayini; bhamazelani, kodwa kungengaluphuzo olunamandla!


USimakade uthelile phakathi kwalo umoya wokudideka, balenze iGibhithe ladiyazela kukho konke elikwenzayo, njengesidakwa sididizela ebuhlanzweni baso.


kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.


Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu.


IBhabhele beliyindebe yegolide, esandleni sikaSimakade, eyadakisa umhlaba wonke; izizwe zaliphuza iwayini lalo, ngalokho izizwe seziyahlanya.


“Yeka ukuphahlazeka kwakhe! Yeka ukukhala kwabo! UMowabi ufulathele enamahloni, usephenduke inhlekisa, into esabekayo kubo bonke abakhelene naye.”


Kepha uFaro wathi: “Ungubani uSimakade ukuthi ngingalalela izwi lakhe, ngivumele u-Israyeli ahambe na? Angimazi uSimakade, futhi anginakumdedela u-Israyeli ahambe.”


Umuzi omkhulu wanqamuka kathathu, nemizi yabezizwe yawa. IBhabhiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.


omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.


Uyakwaneliswa yihlazo kunokuhlonipheka, uphuze nawe, ubalwe njengongasokile, indebe yesandla sokunene sikaSimakade iyakuza kuwe, ihlazo libe phezu kodumo lwakho.


Nawe uyakudakwa, ufihlwe; uyakufuna inqaba yokucashela izitha.


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


Ungisuthise ngomunyu, wangiphuzisa inyongo.


“Bangizwile ngibubula, kepha akekho ongiduduzile. Zonke izitha zami zizwile ngosizi lwami, zajabula ukuthi nguwe ongenze nje. Lwenze lufike lolo suku owamemezela ngalo, zenze nazo zifane nami.


Ngiyakudakisa izikhulu zalo; izihlakaniphi zakhona, izinduna zalo, ababusi balo, namabutho alo; bayakulala ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.


Ngase nginyathela izizwe ngentukuthelo yami, ngazichoboza ngolaka lwami, ngalithululela phansi igazi lazo.”


Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuze esandleni sikaSimakade, indebe yolaka lwakhe; uphuze waminya esitsheni sendebe yokutengezela.


Izembe lingaziqhayisa yini kuye ogawula ngalo, nesaha lingazikhukhumeza yini kosaha ngalo na? Induku ingamphakamisa yini oyiphakamisayo, nentonga lokho okungesilo ukhuni na?


Esandleni seNkosi kukhona isitsha, iwayini liyakhephuzela, sigcwele iwayini eliqungiweyo; yiyona elithunga ngaso. Bonke ababi abasemhlabeni impela boyimunca inhlese yalo, bayiphuze.


Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima, wasiphuzisa iwayini, sadiyazela.


Kepha Wena Simakade uyabahleka, ubaklolodele bonke abezizwe.


Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyababhuqa.


Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?


Usaziphakamisa, awufuni ukuvumela abantu bami ukuba bahambe na?


Wonke amatafula agcwele ubuhlanzo nokungcola, akusekho ndawo ehlanzekileyo.


Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini, lwakuphonsa phansi okunye kwebandla, nokwezinkanyezi, lwakunyathela.


ngokuba waphonsela uNkulunkulu inselelo, wazigabisa kuSomandla.


“Bizani abemicibisholo, balwe neBhabhele; bonke abansala umnsalo, nikanise nxazonke zalo, kungaphunyuki namunye; niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengoba nalo lenzile, ngokuba lizikhukhumezile, ladelela uSimakade oNgcwele ka-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite