Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:13 - IsiZulu 2020

13 UMowabi uyakujabha ngoKhemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBhetheli, ithemba layo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UMowabi uyakujabha ngoKemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele, ithemba labo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UMowabi uyakuba namahloni ngoKemoshi, njengalokho indlu yakwa-Israyeli yaba namahloni ngeBethele ekuthembeleni kwayo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:13
21 Referans Kwoze  

“Yeka ukuphahlazeka kwakhe! Yeka ukukhala kwabo! UMowabi ufulathele enamahloni, usephenduke inhlekisa, into esabekayo kubo bonke abakhelene naye.”


Bayakujabha bonke ngothi lwabo, babe namahloni, bayokuhamba bedumele bonke abenza izithombe.


Aneneliswa yini yizwe unkulunkulu wenu uKhemoshi aninike lona laba yifa lenu, na? Thina asifanele yini ukudla lonke izwe uSimakade uNkulunkulu wethu asinqobele lona ukuba libe yifa lethu, na?


Maye kuwe Mowabi! Abantu bakaKhemoshi bayakubhubha, ngokuba amadodana akho athunjiwe, namadodakazi akho, ayiswa ekuthunjweni.


Ngokuba ngenxa yokwethembela emisebenzini nasengcebeni yakho, nawe uyakubanjwa, uKhemoshi aye ekuthunjweni; abaphristi bakhe nezikhulu zakhe, kanyekanye.


“Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


Kuyothi lapho uMowabi ezibonakalisa, ezikhathaza endaweni ephakemeyo, aye ethempelini lakhe ukuyothandaza, angaphumeleli.


Ngalolo lusuku abantu bayozilahla ezimvukuzaneni nasemalulwaneni, izithombe zabo zesiliva nezithombe zabo zegolide, abazenzele zona ukuba bazikhonze.


U-Eliya wathi kubo: “Bambani abaphrofethi bakaBhali, kungabaleki noyedwa kubo.” Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni, wababulalela lapho.


USolomoni wakhela uKhemoshi isinengiso sabakwaMowabi, noMolokhi isinengiso sabakwa-Amoni indawo ephakemeyo entabeni eyayiphambi kweJerusalema.


ngoba bangishiyile, bayokhuleka ku-Ashitharothi unkulunkulu wamaSidoni, uKhemoshi, unkulunkulu wabakwaMowabi, nakuMilikhomu, unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami, ukuba benze okuhle emehlweni ami, abazilandela izimiso zami, nezehlulelo zami njengoDavide, uyise.


Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “engiyakuthumela kuye abagumbuqeli abayogumbuqela izitsha zakhe, bathulule izimvaba zakhe, baziphohloze.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Amaziya, wathumela kuye umphrofethi, wathi kuye: “Ubafuneleni onkulunkulu babantu abangasindisanga abantu babo esandleni sakho na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite