Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:11 - IsiZulu 2020

11 “UMowabi ubephumule kwasebusheni bakhe, ephumule njengenzika yewayini; akathululwanga esitsheni, ethululelwa kwesinye; akayanga ekuthunjweni, ngakho-ke usanambitheka njengoba enjalo, nephunga lakhe aliguquki.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe, uphumulile enhleseni yakhe, kathululwanga ezitsheni ngezitsha, akayanga ekuthunjweni; ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye, nephunga lakhe aliguquki.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UMowabi waphumula kwasebusheni bakhe, wahlala esihlalweni sakhe, akathululwanga kwesinye isitsha ngesitsha, akayanga ekudingisweni; ngalokho ukunambitha kwakhe kwahlala kuye, nephunga lakhe aliguqukanga.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:11
16 Referans Kwoze  

Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicinge eJerusalema ngezibani, ngijezise abantu abanethezeke njengewayini liyekwe nenzika, abathi ezinhliziyweni zabo: “ ‘USimakade akakwenzi okuhle, ngeke akwenze nokubi.’


Ngizithukuthelele kakhulu izizwe ezinethezekileyo, ngokuba uma ngithukuthele kancane nje, zona ziyadlanga ngobubi.’


Ngokuba uSimakade uyakubuyisa udumo lukaJakobe njengodumo luka-Israyeli, abacekela phansi babaqothulile, bashabalalisa namagatsha abo.


Sizwile ngokuzidla okukhulu kakhulu, kukaMowabi; ukuziphakamisa kwakhe, ukuzithwala kwakhe, ukuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.


Umhlaba uyokuba yincithakalo, uphangwe impela, ngokuba uSimakade ulishilo leli lizwi.


Sizwile ngokuziqhayisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe, nokuqhosha kwakhe, nokuchwensa kwakhe; ukuzikhukhumeza kwakhe kuyize.


Umphefumulo wethu sewudinwe kakhulu ngukweyiswa kwabaziqhenyayo nokwedelela kwabazidlayo.


UNkulunkulu esesihlalweni kwasemandulo uzongizwa, abathobise, ngokuba abaphenduki, futhi abamesabi uNkulunkulu.


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrago; ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangiphalaza.


Kule ntaba kaSimakade Wamabandla uyokwenzela zonke izizwe idili ngokukhulupheleyo nokunomnkantsha, idili lewayini eliqoqodileyo, elinenhlese ecwengekileyo.


Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.


Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.


Ngakhuluma kuwe kusakuhambela kahle, kepha wathi: ‘Ngeke ngilalele.’ Lokhu kungumkhuba wakho, kwasebusheni bakho; ukuba ungalilaleli izwi lami.


Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “engiyakuthumela kuye abagumbuqeli abayogumbuqela izitsha zakhe, bathulule izimvaba zakhe, baziphohloze.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite