Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 48:10 - IsiZulu 2020

10 “Makaqalekiswe lowo owenza umsebenzi kaSimakade ngokunganakekeli, aqalekiswe lowo onganindi inkemba yakhe ngegazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Makaqalekiswe owenza umsebenzi kaJehova ngokunganakekeli, aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Uqalekisiwe owenza umsebenzi kaJehova ngenkohliso, futhi uqalekisiwe ogodla inkemba yakhe egazini.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 48:10
15 Referans Kwoze  

Wathi kuyo: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngenxa yokuthi umyekile waphunyuka esandleni sakho umuntu ebengizombhubhisa, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, nabantu bakho esikhundleni sabantu bakhe.’ ”


Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


‘Qalekisani iMerozi,’ kusho ingelosi kaSimakade; ‘ziqalekiseni kabi izakhamuzi zalo, ngoba azizanga ukuzosiza uSimakade, ukuzosiza uSimakade elwa nesiqhwaga.’


Umuntu kaNkulunkulu wayithukuthelela inkosi, wathi: “Ukuba ubushaye kahlanu noma kayisithupha, i-Aramu ubuzolehlula uliqede nya, kodwa manje uyakulehlula kathathu kuphela.”


Kodwa uSawule nabantu abambulalanga u-Agagi kanye nempahla yekhethelo; izimvu, izinkabi, amawundlu nakho konke okuhle. Konke okudelelekileyo nokondileyo bakubhubhisa.


USimakade uyivulile indlu yakhe yezikhali, uzikhiphile izikhali zentukuthelo yakhe, ngokuba iNkosi uSimakade Wamabandla inomsebenzi ezweni lamaKhaledi.


“Awu wena nkemba kaSimakade, kuyoze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.


Kwathi lapho inkosi idlula, wayimemeza, wathi: “Inceku yakho yaphuma yaya phakathi kwempi; kweza umuntu waletha kimi omunye, wathi: ‘Linda lo muntu; uma elahleka, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, noma uyakukhokha ithalente lesiliva.’


Inceku yakho isaxakekile ndaweni thizeni, wanyamalala.” Yayisithi kuye inkosi yakwa-Israyeli: “Wehlulelwe kanjalo-ke, njengalokhu unqumile.”


uyothi kubo usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uqalekisiwe umuntu ongawalaleli amazwi alesi sivumelwano,


Kepha ingaphumula kanjani, ngokuba uSimakade uyalezile na? Uyijubile e-Ashikeloni, nasogwini lolwandle.”


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehle ziyohlatshwa. Maye kuzo! Ngokuba usuku lwazo selufikile; isikhathi sokujeziswa kwazo.


kepha nina ningami lapho; zixosheni izitha zenu, nizihlasele ngasemuva, ningazivumeli ukuba zingene emizini yazo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uzinikele esandleni senu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite