Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 47:7 - IsiZulu 2020

7 Kepha ingaphumula kanjani, ngokuba uSimakade uyalezile na? Uyijubile e-Ashikeloni, nasogwini lolwandle.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ingathula kanjani, lapho iyalezwe nguJehova, na? Uyinqumele i-Ashikeloni nogu lolwandle.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ingathula kanjani, lapho uJehova eyalile nge-Ashikeloni nogu lolwandle? lapho Wakubeka khona.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 47:7
15 Referans Kwoze  

Iphimbo likaSimakade limemeza umuzi. Igama lakho liyakubona impumelelo. Lalela sizwe kanye nalowo osiqokileyo.


“Nakuba ngehlisela inkemba ezweni, ngithi: ‘Inkemba mayidabule ezweni,’ ngibulale kulo abantu nezilwane,


Ngiyithuma esizweni esingenabunkulunkulu, ngiyijube ukubhekana nabantu engibathukuthelele ukuba ibaphange impango, iqhwage impahla, ibaxove njengodaka emigwaqweni.


Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na?


ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, sengizokwelulela isandla sami kumaFilisti, ngimelane nawo, ngiwabulale amaKherethi, ngibhubhise insali esogwini lolwandle.


“Awuzwanga yini ukuthi lokhu ngakuhlela kwasemandulo na? Ngakuceba ngezinsuku zakudala, lokhu engikwenzayo manje ukucekela phansi imizi ebiyelweyo, ibe yizindunduma zemvithi.


Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami. Ngiwabizile amaqhawe ami, abangabami abajabula ngokuziqhenya, ukuze babonise intukuthelo yami.


Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


“Makaqalekiswe lowo owenza umsebenzi kaSimakade ngokunganakekeli, aqalekiswe lowo onganindi inkemba yakhe ngegazi.


Mayibuyiselwe emgodleni. Endaweni lapho wadalwa khona, ezweni owadabuka kulo, ngiyakukwehlulela khona lapho.


“Ndodana yomuntu, phrofetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi, ithi: “ ‘ “Inkemba, inkemba iloliwe, yamenyezeliswa.


“Wena-ke, ndodana yomuntu, phrofetha, ushaye izandla. Inkemba mayigadle kabili, kathathu, iyinkemba yokubulala, inkemba yokubulala okukhulu, isibazungeze nxazonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite