Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 47:6 - IsiZulu 2020

6 “Awu wena nkemba kaSimakade, kuyoze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Awu wena nkemba kaJehova, koze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 O nkemba kaJehova, koze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, phumula futhi uthule.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 47:6
20 Referans Kwoze  

Ababhubhisi batheleke bevela kuzo zonke izindawo eziphakemeyo, ezingamaqwaqwasi ehlane; inkemba kaSimakade iyabhubhisa, kusukela kulo mkhawulo womhlaba kuya komunye, akukho ukuthula kubantu.


UJesu wayesethi kuPhethro: “Buyisela inkemba emgodleni wayo; kanti angiyukusiphuza yini isitsha uBaba anginike sona na?”


Mayibuyiselwe emgodleni. Endaweni lapho wadalwa khona, ezweni owadabuka kulo, ngiyakukwehlulela khona lapho.


“Nakuba ngehlisela inkemba ezweni, ngithi: ‘Inkemba mayidabule ezweni,’ ngibulale kulo abantu nezilwane,


“Uyakubatshela, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisavuka, ngenxa yenkemba engiyakuyithumela kini.’


“Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.


Kuyoze kube nini izwe ligagadekile, nemifino yonke yasendle ibuna na? Ngobubi babakhileyo kulo; izilwane nezinyoni kuyashabalala, ngokuba bathi: “Akayukusibona isiphetho sethu.”


Kuyoze kube nini ngibona ibhanela, ngizwa umsindo wecilongo na?


Izembe lingaziqhayisa yini kuye ogawula ngalo, nesaha lingazikhukhumeza yini kosaha ngalo na? Induku ingamphakamisa yini oyiphakamisayo, nentonga lokho okungesilo ukhuni na?


“Maye, kulo i-Asiriya, intonga yentukuthelo yami, induku esesandleni salo iyintukuthelo yami.


Yima ngomumo, Simakade, ubhekane nazo, ziqumbe phansi. Sindisa umphefumulo wami ngenkemba yakho,


USimakade wakhuluma engelosini; yayisiyibuyisela inkemba yayo emgodleni wayo.


U-Abhineri wayesememeza uJowabe, wathi: “Inkemba iyakubhubhisa njalo njalo yini na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni? Kuyoze kube nini ngaphambi kokuba ubayale abantu ukuba babuye ekuhubheni abafowabo na?”


Omathathu amaqembu abetha amacilongo, abulala izitsha ayeziphethe, ephethe izihlonti ngezandla zawo zokudla, ashaya amacilongo amemeza, athi: “Inkemba kaSimakade nekaGideyoni!”


“Makaqalekiswe lowo owenza umsebenzi kaSimakade ngokunganakekeli, aqalekiswe lowo onganindi inkemba yakhe ngegazi.


“Mawadliwe yinkemba amaKhaledi, abakhileyo eBhabhele, izikhulu zalo, nezihlakaniphi zalo.


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite