Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 47:5 - IsiZulu 2020

5 IGaza iyakuba nempandla, i-Ashikeloni lishabalele, wena nsali yensali yesigodi sabo, uyakuzisika kuze kube nini na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ubumpandla bulehlele iGaza; i-Ashikeloni liphelile, insali yesigodi sabo; uyakuzisika kuze kube nini na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Impandla yaba phezu kweGaza; I-Ashikeloni lachithwa nensali yesigodi sabo; koze kube nini uziqothula?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 47:5
20 Referans Kwoze  

Wonke amakhanda ayizimpandla, zonke izilevu zigundiwe, nazo zonke izandla zinqunyiwe; kukhona indwangu eyisaka okhalo.


nabo bonke abantu bezinye izizwe, wonke amakhosi ase-Uzi, wonke amakhosi asezweni lamaFilisti, e-Ashikeloni, eGaza, e-Ekhroni nensali ese-Ashidodi


Gunda ube yiphandla, ngenxa yabantwana obathandayo, uyandise impandla yakho njengenqe, ngokuba baya ekuthunjweni.


kwafika amadoda angama-80 evela eShekhemi, eShilo, naseSamariya egunde izilevu zawo, nezingubo zawo ziklejuliwe, nawo ezisikile uqobo, ephethe ngezandla zawo iminikelo yokusanhlamvu nempepho ukuzokunikela endlini kaSimakade.


Wayesehlala njalo ubusuku nemini esemathuneni nasezintabeni, ememeza, futhi ezilimaza ngamatshe.


ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, sengizokwelulela isandla sami kumaFilisti, ngimelane nawo, ngiwabulale amaKherethi, ngibhubhise insali esogwini lolwandle.


Bayakubhinca indwangu eyisaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni babo bonke, amakhanda abo bonke abe yizimpandla.


nangenxa yosuku oluzayo ukuzobhubhisa wonke amaFilisti, nokuqeda iThire neSidoni, bonke abasizi abasalayo; ngokuba uSimakade uyakuwabhubhisa amaFilisti, insali yesiqhingi iKhafithori.


Izwi likaSimakade elafika kuJeremiya, umphrofethi, mayelana namaFilisti, ngaphambi kokuba uFaro alinqobe iGaza, lathi:


Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Bayokhuphukela ethempelini; iDibhoni lenyukele ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala. AbakwaMowabi bayalila ngeNebho nangeMedebha; wonke amakhanda ayizimpandla, nezilevu zonke ziphuciwe.


Bamemeza ngezwi elikhulu, bazisika ngemimese nangemikhonto ngokomthetho wabo, kwaze kwatshaza igazi kubo.


UJuda wadla iGaza nezindawo zalo, i-Ashikeloni nezindawo zalo, ne-Ekhroni nezindawo zalo.


“Ningabantu bakaSimakade uNkulunkulu wenu; aniyukuzisika, aniyukuwaphuca amashiya enu ngenxa yofileyo.


“ ‘Abayukuphuca amakhanda abo emaceleni, noma baphuce izilevu emaceleni, abayukugcaba imizimba yabo.


“ ‘Aniyukuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo; aniyukuqopha mibhalo emabalabala kuyo; nginguSimakade.


“Izikhulu nabantukazana bayofela kuleli lizwe, abayukungcwatshwa, abayukulilelwa. Abantu abayukuzisika, abayukuwaphuca amakhanda ngenxa yabo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite