Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 46:12 - IsiZulu 2020

12 Izizwe ziyakuzwa ngehlazo lakho, ukukhala kwakho kugcwale umhlaba; ngokuba iqhawe liyakukhuba elinye, awe omabili kanyekanye.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Izizwe zizwile ngehlazo lakho, umhlaba ugcwele ukukhala kwakho; ngokuba iqhawe likhubeka ngelinye, awa omabili kanyekanye.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Izizwe zezwa ngehlazo lakho, ukukhala kwakho kwagcwalisa izwe, ngokuba iqhawe likhubeke eqhaweni, bawa bobabili kanyekanye.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 46:12
17 Referans Kwoze  

“Onejubane makangakwazi ukubaleka, neqhawe malingaphunyuki; elingasenyakatho eceleni komfula u-Yufrathe, bayakukhubeka, bawe.


“UJuda uyalila, amasango akhe awile, balilela izwe; ukukhala kweJerusalema kwenyukele phezulu.


“Ngizonyakazisa abaseGibhithe bavukelane bodwa, umfowabo alwe nomfowabo, umakhelwane alwe nomakhelwane, umuzi ulwe nomuzi, nombuso ulwe nomunye umbuso.


“Kuyakuthi ngalolo lusuku kube khona ukukhala kalusizi, kuvela eSangweni Lezinhlanzi, nokulila, kuvela eNgxenyeni Yesibili, nokuphihlika okukhulu, kuvela emagqumeni.


“Yizwani umsindo wokukhala kalusizi uvela eBhabhele, nowencithakalo enkulu ophuma ezweni lamaKhaledi.


Umhlaba uyakuzamazama ngomsindo wokuwa kwabo; umsindo wokukhala kwabo kalusizi, uzwakale oLwandle Lomhlanga.


“EHeshibhoni, e-Elehale naseJahazi kukhalwa kalusizi; bayezwakalisa izwi labo, kusukela eZowari kuya eHoronayimi, kuya e-Egilathi Shelishiya; ngokuba namanzi aseNimrimi aseshile.


Maningacashi phakathi kwabathunjiweyo, noma phakathi kwababuleweyo, ngoba kukho konke lokhu, ulaka lukaSimakade alukabohli, nangesandla sakhe usashaya.


Abantu abangafanga bashaywa ngamathumba; ukukhala komuzi kwenyukela ezulwini.


Kunesililo emigwaqweni, kukhalelwa iwayini; yonke intokozo iphele nya, injabulo yezwe ixoshiwe.


Usheshelani kangaka ukuguqula indlela yakho na? NeGibhithe lizokujabhisa njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho, azakuba ngumfula okhukhulayo, azokhukhula izwe nokukulo, umuzi nabakhe kuwo. Abantu bayakukhala; bonke abakhe ezweni bayakukhala, bakhihle isililo.


Ngomsindo wokuthunjwa kweBhabhele, umhlaba uyakuthuthumela, umsindo wokukhala kwabo kalusizi, uyozwakala ezizweni.


Usekhumbula izikhulu zakhe, ziyakhubeka ohambeni lwazo, ziphuthuma ongangeni lwakhona, izivikelo ziyalungiswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite