Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 45:3 - IsiZulu 2020

3 wena uthe: ‘Maye kimi! Ngokuba uSimakade wenezele usizi ezinhlungwini zami, ngikhathele ukububula, angikutholi ukuphumula.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Uthi wena: ‘Maye kimina! Ngokuba uJehova wenezele usizi ebuhlungwini bami, ngikhathele ukukhala, nokuthula angikufumani.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wathi: “Maye kimi manje! ngokuba uJehova wengeze usizi ebuhlungwini bami; Ngiqulekile ngokububula kwami, futhi angikutholi ukuphumula.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 45:3
28 Referans Kwoze  

Masingakhathali ngukwenza okuhle, ngokuba siyovuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.


Ngakho asidangali, nakuba umuntu wethu wangaphandle ebhubha, nokho owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.


Ngakho-ke sinale nkonzo, ngokuba sahawukelwa, asidangali;


Kepha nina bazalwane, ningadinwa ngukwenza okuhle.


Noma ikudabukisile, iyokuhawukela ngobukhulu bobubele bayo.


“Bonke ububi bazo mabufinyelele ebusweni bakho, nakuzo yenza njengoba wenze kimi, ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba kukhulu ukububula kwami; idangele nenhliziyo yami.”


“Uthumele umlilo wakhe ekweliphezulu, wangena emathanjeni ami, wawehlula; unekele izinyawo zami inethi, wangiqumba phansi; ngalala amankeyane. Ungishiye ngiyincithakalo, ngiphelelwe ngamandla usuku lonke.


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


Akukho ukududuzeka ngosizi lwami, inhliziyo yami idangele.


Uma uxega amadolo ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.


Maye kimi! Ngokuba ngigogobele kwaMeshekhi, ngihleli phakathi kwamathende akwaKhedari.


Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami.


Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho, utwa luyenanelana, wonke amadlambi namaza akho, kudlange kwangaphezu kwami.


Ngiyethemba ukuthi ngizobubona ubuhle bukaSimakade, ezweni labaphilayo!


Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.


“Nanamuhla ukukhononda kwami kumunyu; isandla sami sinzima, nakuba ngibubula.


“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli kuwe Bharukhi:


Iso lami liyafiphala, ngenxa yokudabuka; selibuthakathaka, ngenxa yezitha zami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite