Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 44:6 - IsiZulu 2020

6 Ngase ngithulula intukuthelo nolaka lwami, kwavutha emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, kwaphenduka incithakalo nembumbiso njengoba kunjalo nanamuhla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kwase kuthululwa ukufutheka kwami nentukuthelo yami, kwavutha emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, kwaba yincithakalo nokuchitheka njenganamuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngalokho ukufutheka kwami nokufutheka kwami kuyathululwa, kuvutha emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema; futhi zachithwa futhi ziyincithakalo njengoba zinjalo namuhla.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 44:6
34 Referans Kwoze  

“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, intukuthelo nolaka kwami ngizokuthululela kule ndawo; phezu kwabantu, izilwane, izihlahla zasendle, nezithelo zomhlaba; kuzakuvutha kungacimeki.


Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nolaka lwami kwathululelwa phezu kwababakhe eJerusalema, ngizothululela ulaka lwami kini uma niya eGibhithe. Niyokuba yisithuko nento esabekayo, isiqalekiso nehlazo, ngeke neze nisayibona le ndawo.’


Mina ngiyakulwa nani ngesandla esiluliweyo, nangengalo enamandla, ngentukuthelo, ngokufutheka nangolaka olukhulu.


Emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema ngiyakuwuthulisa umsindo wokujabula nowokuthokoza, nezwi lomyeni nelikamakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.’ ”


Amadodana akho adangele, alala emakhoneni emigwaqo yonke njengenyamazane esihibeni, agcwele ulaka lukaSimakade nesixwayiso sikaNkulunkulu wakho.


Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuze esandleni sikaSimakade, indebe yolaka lwakhe; uphuze waminya esitsheni sendebe yokutengezela.


Ngase ngithi: “Nkosi, kuyoze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, izindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba ube yincithakalo neze,


USimakade unguNkulunkulu onomhawu, nophindiselayo; uSimakade uyaphindisela, uthukuthele uyabila, ngolaka lwakhe uyaphindisela kwabamelene naye, Uzithukuthelela njalo izitha zakhe.


Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabehluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


“ ‘Ekungcoleni kwakho ngenxa yobufebe ngakuhlambulula, kodwa awuhlambulukanga ekungcoleni kwakho, ngeke uphinde uhlanzeke ngize ngilwanelise ulaka lwami, ngimelene nawe.


Igazi lawo ngalichithela edwaleni elingenalutho, ukuba lingambozwa yilutho, ukuze kuvuswe ulaka lwami, ngiziphindiselele.


“ ‘ “Ngifunga ngiyagomela; impela ngesandla esinamandla, nangengalo eluliweyo, nangolaka olutheliweyo; ngiyakubusa phezu kwenu,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Okude uyakufa ngobhubhane, oseduze afe ngenkemba, kuthi osele ephila nolondekile, abulawe yindlala; ngiyakukufeza kanjalo ukuthukuthela kwami kubo.


“ ‘Intukuthelo yami iyakuphela-ke, nganelise ulaka lwami ngabo. Ngiyakuphindisela kubo. Bayakukwazi-ke ukuthi Mina Simakade, ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengikuphelelisile ukuthukuthela kwami kubo.


Mhlawumbe ukunxusa kwabo kungase kufike phambi kukaSimakade, baphenduke, yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nolaka uSimakade akhulume ngakho kulaba bantu.”


Wena ndlu kaDavide, usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Yenzani ubulungiswa ekuseni, nihlenge ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, iyakuvutha, kungabi bikho oyicimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Zisokeleni uSimakade, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu, nina bantu bakwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, ivuthe, kungabi bikho oyicimayo, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


nami ngizomelana nani ngolaka, yebo, ngizonishaya kuze kube kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.


Ngiyakuyenza imizi yenu ukuba ibhidlizwe, ngizenze izindawo zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angiyukuhogela unqambothi lwephunga lenu elimnandi.


Izwe lakini liyincithakalo, imizi yakini ishiswe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu; liyincithakalo, libhujiswe ngabafokazi.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Izwe lonke liyakuba yincithakalo, kepha angiyukuliqeda liphele nya.


Awukuboni yini abakwenzayo emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema na?


Bheka, ngiyakukhipha umyalo, kusho uSimakade, ngibabuyisele kuwo lo muzi; bayokulwa nawo, bawudle, bawushise ngomlilo. Ngiyakuyenza imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


“Uthumele umlilo wakhe ekweliphezulu, wangena emathanjeni ami, wawehlula; unekele izinyawo zami inethi, wangiqumba phansi; ngalala amankeyane. Ungishiye ngiyincithakalo, ngiphelelwe ngamandla usuku lonke.


“ ‘ “Ngiyakunikhipha phakathi kwabantu, nginiqoqe emazweni enihlakazelwe kuwo, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangolaka olutheliweyo.


“Impela uSimakade wayebathukuthelele kakhulu okhokho bakho.


“ ‘Ngiyakubaphephulela kude kuzo zonke izizwe abangazazi. Izwe selisele liyincithakalo, akekho odlulayo nobuyayo kulo, ngokuba izwe elihle balenze laba yincithakalo.’ ”


Insali yonke eseleyo kulowo nalowo mndeni omubi, iyoqoma ukufa kunokuphila, leyo eyosala ezindaweni zonke, lapho ngiyidingisele khona,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


USimakade kakwazanga ukuyibekezelela, ngenxa yezenzo zenu ezimbi nangenxa yezinengiso enizenzileyo, ngakho-ke izwe lakini liphenduke laba yincithakalo, imfucuza yoqobo, nesiqalekiso, okungekho muntu ohlala kulo kuze kube namuhla.


Maye! Waze wasala dengwane umuzi obugcwele abantu! Sewuphenduke umfelokazi phakathi kwezizwe. Owesifazane obehloniphekile phakathi kwezifunda, usephenduke isigqila.


Phezu kwentaba iZiyoni esiyincithakalo, sekuzulazula amanketshane.


Kanti amazwi ami nezimiso zami engayaleza ngakho izinceku zami abaphrofethi akufinyelelanga yini kokhokho benu na? Angithi baphenduka, bathi: ‘Njengoba uSimakade Wamabandla ebehlelile ukwenza lokhu kithi ngokwezindlela zethu nangemisebenzi yethu, wenze kanjalo-ke kithi.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite