Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 44:5 - IsiZulu 2020

5 Nokho abangilalelanga, abangishayanga mkhuba, ukuba baphenduke ebubini babo, bangabe besashisela abanye onkulunkulu impepho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo ukuba babuye ebubini babo, bangashiseli abanye onkulunkulu impepho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kodwa kabalalelanga, kababekanga izindlebe zabo ukuthi babuye ebubini babo, bangabeki impepho iye kwabanye onkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 44:5
18 Referans Kwoze  

Izindlu eJerusalema nezigodlo zamakhosi akwaJuda, ziyakungcola njengeThofethi, yebo, nakuzo zonke izindlu abashisele ibandla lasezulwini impepho, phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo.’ ”


Babuyele eziphambukweni zokhokho babo bokuqala, abala ukulalela amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze. Indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zasephula isivumelwano sami engasenza nokhokho babo.


“ ‘Kepha abalalelanga, abayibekanga indlebe yabo kulo, kodwa bahamba, kwaba yilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi. Ngehlisela phezu kwabo wonke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuba basigcine, kodwa abasigcinanga.’ ”


Kepha abalalelanga, abayibekanga indlebe yabo kwengikushoyo, kodwa bahamba ngokobulukhuni benhliziyo yabo embi; bahlubuka, bahlehlela emuva, abaze baqhubekela phambili.


Sengathi ngabe wayilalelisisa imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho bekuyokuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamanzi olwandle,


Ngokuba bengazi ukuthi ninenkani, nentamo yenu ingumsipha wensimbi, nebunzi lenu liyithusi;


Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


Laba bantu ababi bayenqaba ukulalela amazwi ami, bahamba ngobulukhuni benhliziyo yabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, nokuba bakhuleke kubo, bazofana nale ndwangu yasokhalo, engasenamsebenzi walutho.


UJohanani, indodana kaKhareya, abakhuzi bempi, nabantu bonke kabalilalelanga izwi likaSimakade lokuba bahlale ezweni lakwaJuda.


asilalelanga izinceku zakho, abaphrofethi, ezazikhuluma egameni lakho emakhosini ethu, nasezikhulwini zethu, nakokhokho bethu, nakubo bonke abantu bezwe.


Wababekezelela iminyaka eminingi, wabexwayisa ngoMoya wakho, wakhuluma ngabaphrofethi bakho, kodwa abakugqizanga qakala lokho, ngakho-ke wabanikela kubantu abakhelene nabo.


Ngokuba ngangobuningi bemizi yenu, bangako onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wemigwaqo eJerusalema, angako ama-althare eniwamisele le nto enengekayo, ama-althare enishisela kuwo uBhali impepho.’


“USimakade Wamabandla owakutshala ukhulume okubi ngawe, ngenxa yobubi obenziwe yindlu ka-Israyeli nendlu yakwaJuda, bachukuluza ulaka lwami ngokushisela uBhali impepho.”


Lapho bebabiza, basuka kubo; bayohlabela oBhali, bashisela nezithombe ezibaziweyo impepho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite