Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 44:21 - IsiZulu 2020

21 “Ngabe impepho enayishisa emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, nina nokhokho benu, namakhosi enu, nezikhulu zenu nabantu bezwe, uSimakade akayikhumbulanga yini, yavuka enhliziyweni yakhe na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Impepho enayishisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema nina nawoyihlo, namakhosi enu, nezikhulu zenu, nabantu bezwe, uJehova akayikhumbulanga, ayingenanga enhliziyweni yakhe, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Impepho enayinyusa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, nina nawoyihlo, namakhosi enu, nezikhulu zenu, nabantu bezwe, uJehova akayikhumbulanga, ayingenanga ingqondo yakhe?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 44:21
19 Referans Kwoze  

Kunalokho impela sizokwenza konke esikuthembisile ngemilomo yethu. Sizoyishisela impepho indlovukazi yezulu, siyethulele iminikelo yokuphuzwayo, njengoba besenza thina nokhokho bethu, amakhosi ethu, nezikhulu zethu, emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema. Ngokuba sasidla sisutha ukudla, singahlushwa yilutho.


Senizikhohliwe yini izenzo ezimbi zokhokho benu, ezamakhosi akwaJuda, nezamakhosikazi awo; izenzo zenu ezimbi nezamakhosikazi enu enazenzayo ezweni lakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema na?


Usho kanje uSimakade kulaba bantu, uthi: “Njengoba bethandile ukuzulazula, bangazinqanda izinyawo zabo; uSimakade akabemukelanga. Manje uyakukhumbula isiphambeko sabo, abajezisele izono zabo.”


Ngokuba ngangobuningi bemizi yenu, bangako onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wemigwaqo eJerusalema, angako ama-althare eniwamisele le nto enengekayo, ama-althare enishisela kuwo uBhali impepho.’


Simakade, ungathukutheli kakhulu, ungazikhumbuli iziphambeko zethu kuze kube phakade. Sonke phela singabantu bakho.


Mawungasibaleli amacala akuqala, umusa wakho mawusheshe usihlangabeze, ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.


USimakade uzifunge Yena ngenxa yokuziqhenya kukaJakobe, wathi: “Impela angiyukuzikhohlwa nanini izenzo zabo.


Abacabangi emiqondweni yabo ukuthi ngibukhumbula bonke ububi babo. Manje sebehaqwe yizenzo zabo, eziphambi kobuso bami.


Ngokuba izono zalo sezifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.


Umuzi omkhulu wanqamuka kathathu, nemizi yabezizwe yawa. IBhabhiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.


wazakhela iqhugwane, wazenzela indawo ephakemeyo ezigcawini zonke.


Wayesethi ku-Eliya: “Kodwa ngikone ngani wena muntu kaNkulunkulu? Uze lapha ukuba uzongikhumbuza isono sami nokuba kufe indodana yami na?”


Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


“USimakade wakubona lokho, wanengwa ngukuchukuluzwa ngamadodana namadodakazi akhe.


Lokho akugciniwe yini kimi, kwavalelwa ezinqolobaneni zami, na?


ngenxa yabo bonke ububi obenziwe ngabantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda ukuba bangicunule, bona namakhosi abo, izikhulu zabo, abaphristi babo, abaphrofethi babo, nabo bonke abakwaJuda, nabakhileyo eJerusalema.


UJeremiya wathi kubantu bonke; kwabesilisa, abesifazane, nakubo bonke abantu abamphendula kanjalo, wathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite