Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 44:19 - IsiZulu 2020

19 “Abesifazane bathi kuJeremiya: lapho sishisela indlovukazi yezulu impepho, siyethulela iminikelo yokuphuzwayo, siyenzela amaqebelengwane anomfanekiso wayo, ucabanga ukuthi lokho esiyethulela khona, sasikwenza amadoda ethu engavumanga na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Lapho sesishisela inkosikazi yezulu impepho, siyithululele iminikelo yokuphuzwa, siyenzela amaqebelengwane anesithombe sayo, siyithululelele iminikelo yokuphuzwa ngaphandle kwamadoda ethu, na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Lapho sishisela indlovukazi yezulu impepho, siyithululela iminikelo yokuphuzwa, ingabe sayenzela amaqebelengwane okukhuleka kuyo, siyithululela iminikelo yokuphuzwa ngaphandle kwamadoda ethu na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 44:19
14 Referans Kwoze  

Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama yokwenzela inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwayo ukuba bachukuluze ulaka lwami.


Wonke amadoda ayazi ukuthi omkawo bashisela impepho abanye onkulunkulu, kanye nabesifazane bonke ababemi lapho, ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala eGibhithe, ePhathirosi; bamphendula uJeremiya, bathi:


Wahamba endleleni yamakhosi akwa-Israyeli njengoba kwenza abendlu ka-Ahabi, kwazise wayeganwe yindodakazi ka-Ahabi. Wenza okubi emehlweni kaSimakade.


Kepha-ke akubanga bikho omunye owafana no-Ahabi owazithengisa, wenza okubi phambi kukaSimakade, edudwa nguJezebheli, umkakhe.


Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.


Impela omubi akayukuyekwa angajeziswa, kodwa isizukulwane sabalungileyo siyakuhlengwa.


UJeremiya wathi kubantu bonke; kwabesilisa, abesifazane, nakubo bonke abantu abamphendula kanjalo, wathi:


Kepha uma indoda yakhe imelana nakho ngosuku ekuzwa ngalo, uyakuzephula izifungo ayezibophezele ngazo, noma lokho asheshe wakukhuluma ngomlomo wakhe wazibophezela ngakho; uSimakade uyakumthethelela.


Kodwa uma indoda yakhe kuthi ngosuku ezwa ngalo, ikwenze ize konke okwaphuma emlonyeni wakhe mayelana nezifungo zakhe nangesibopho sakhe, akuyukuhlala kunjalo, ngokuba indoda yakhe ikwenze ize; uSimakade uyomthethelela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite