Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 44:14 - IsiZulu 2020

14 Akuyukuphunyuka namunye, akuyukusinda muntu ensalini yakwaJuda eye eGibhithe ukuyogogobala khona, ukuze ibuyele ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuze ihlale khona, ngokuba akuyukubuya muntu, kuphela ingcosana ephunyukile.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 kungaphunyuki, kungasali muntu ensalini yakwaJuda eye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona ukubuyela ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuba ihlale khona, ngokuba akuyikubuya muntu, abaphunyukileyo bodwa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ukuze kungabikho noyedwa owasalayo wakwaJuda owaya ezweni laseGibithe ukuba agogobale khona oyophunyuka noma osalayo ukuba abuyele ezweni lakwaJuda efisa ukubuyela kulo ukuba ahlale khona; akekho oyobuya ngaphandle kwalabo ababalekile.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 44:14
16 Referans Kwoze  

U-Izaya wamemeza ngo-Israyeli, wathi: “Nakuba isibalo sabantu bakwa-Israyeli singangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa,


Kuyakuthi bonke abantu abayakulibhekisa eGibhithe ukuba bagogobale khona; bafe ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, akuyukuba bikho oyosinda, aphunyuke enhlekeleleni engiyobehlisela yona.’


Kuyothi ngalolo lusuku, insali yabakwa-Israyeli nabasindileyo bendlu kaJakobe, bangabe besathembela kulowo obashayileyo, kodwa bayokwethemba ngeqiniso uSimakade oNgcwele ka-Israyeli.


Ngalolo lusuku ihlumela likaSimakade liyoba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyoba nodumo nobuhle ensalini ephunyukileyo yakwa-Israyeli.


Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.


Ngabe ucabanga wena muntu ukuthi ngokwehlulela labo abenza lezi zinto nawe ozenzayo, uyakuphepha yini ekwehluleleni kukaNkulunkulu na?


“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa esihogweni na?


Ngakho-ke yazini ngokweqiniso ukuthi niyakufa ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, niyofela kuleyo ndawo enifisa ukuya kuyo ukuba niyogogobala khona.”


Ningamkhaleli ofileyo, ningamlileli; kodwa mkhaleleni kalusizi othunjwayo, ngokuba akasayukubuya; kasayukuphinde alibone izwe azalelwa kulo.


“ ‘Kepha ngiyakushiya insali, abaphunyuke enkembeni ngiyakubahlakazela ezizweni nasemazweni.


Ngakho-ke yizwani izwi likaSimakade nina nonke baJuda enihlala eGibhithe: ‘Bheka, ngifunga igama lami elikhulu,’ kusho uSimakade, ‘ukuthi igama lami alisayukubizwa muntu wakwaJuda ezweni lonke eGibhithe, athi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade.”


ngihlunge kini abahlubuki nabaphambukayo kimi, ngibakhiphe ezweni lapho begogobele khona, kepha abayukungena kwelakwa-Israyeli, niyokwazi ukuthi nginguSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite