Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 44:12 - IsiZulu 2020

12 Ngiyakuyishabalalisa insali yakwaJuda, eqoke ukuya eGibhithe ukuyogogobala khona, bonke bayofela eGibhithe, babulawe yinkemba nendlala; kanjalo abancane nabadala, bayobulawa yinkemba nendlala, babe yisithuko, into esabekayo, isiqalekiso nehlazo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngiyakuthatha insali yakwaJuda ebhekise ubuso bayo ukuba ingene ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona, baphele bonke, bawe ezweni laseGibithe, baphele ngenkemba nangendlala, abakhulu nabancane bafe ngenkemba nangendlala, babe yisithuko, nesimangaliso, nesiqalekiso, nehlazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngiyakuthatha insali yakwaJuda ebhekise ubuso bayo ukuba iye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona, futhi iyoqedwa yonke, iwe ezweni laseGibithe; bayoqedwa ngisho nangenkemba nangendlala; bayakufa, kusukela komncane kuye komkhulu ngenkemba nangendlala; bayakuba yinhlekisa, nesimangaliso, nesiqalekiso, nesihlamba.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 44:12
18 Referans Kwoze  

Ngakho-ke yazini ngokweqiniso ukuthi niyakufa ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, niyofela kuleyo ndawo enifisa ukuya kuyo ukuba niyogogobala khona.”


Niyakulishiya igama lenu, libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uSimakade iyonibulala, ibize izinceku zayo ngelinye igama.


Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.


Ngenxa yabo, bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBhabhele bayakusebenzisa lesi siqalekiso, esithi: ‘USimakade makakwenze ukuba ube njengoZedekiya no-Ahabi, abosiwa emlilweni yinkosi yaseBhabhele,’


Ngiyakubalandela ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, ngibenze into esabisayo emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, incithakalo, into enximfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,


benze izwe labo laba yincithakalo nento enximfelwa njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


Kodwa abahlubuki bayobhujiswa kanye nezoni; nalabo abashiya uSimakade bayoqedwa nya.


Uma esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma ezingcolisile wenza ukungethembeki kumyeni wakhe, amanzi aletha isiqalekiso ayongena kuye, alethe isiqalekiso esibi, avuvukalise isisu sakhe, ashwabanise ithanga lakhe, owesifazane abe yisiqalekiso phakathi kwabakubo.


“Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.”


Ngiyakubenza babe yisinengiso nesikhubekiso emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, inhlekisa nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


ngiyakuyenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiwenze ube yisiqalekiso, kuzo zonke izizwe zomhlaba.’ ”


Kwase kusondela bonke abakhuzi bempi, uJohanani indodana kaKhareya, uJezaniya indodana kaHosheya nabo bonke abantu abadala nabancane,


USimakade kakwazanga ukuyibekezelela, ngenxa yezenzo zenu ezimbi nangenxa yezinengiso enizenzileyo, ngakho-ke izwe lakini liphenduke laba yincithakalo, imfucuza yoqobo, nesiqalekiso, okungekho muntu ohlala kulo kuze kube namuhla.


Njengoba beniyisiqalekiso ezizweni nina ndlu kaJuda nani ndlu ka-Israyeli, ngiyakunisindisa, nibe yisibusiso; ningesabi, kodwa maziqine izandla zenu.”


Uyakufika, alihlasele iGibhithe, kufe abafayo, kuthunjwe abathunjwayo, inkemba idle emdlayo.


Bhekani-ke, noma bangaphunyuka ekubhujisweni, kodwa iGibhithe liyakubabutha, iNofi ibambele; ingcebo yabo yesiliva idliwe yimbabazane, kube nameva emathendeni abo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite