Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 44:1 - IsiZulu 2020

1 Izwi elafika kuJeremiya mayelana nabaJuda bonke ababehlala eGibhithe, eMigidoli, eThahiphanesi, eNofi, nasePhathirosi, lathi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi elafika kuJeremiya ngabaJuda bonke ababehlala ezweni laseGibithe, ababehlala eMigidoli, naseThahipanesi, naseNofi, nasezweni lasePhatirosi, lathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi elafika kuJeremiya ngawo wonke amaJuda ahlala ezweni laseGibithe, ahlala eMigidoli, naseThagpanesi, naseNofi, nasezweni lasePhatirosi, lithi:

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 44:1
19 Referans Kwoze  

“Memezelani eGibhithe, nimemezele eMigidoli; yenzani isimemezelo eNofi naseThahiphanesi, nithi: ‘Sukumani, nime ngomumo, ngokuba inkemba izodla nxazonke zakho.’


Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.


“Khuluma nabantu bakwa-Israyeli ukuze babuyele emuva, bayokanisa phambi kwePhi Hahirothi, phakathi kweMigidoli nolwandle, phambi kweBhali Zefoni; bakanise ngasolwandle babhekane nalo.


Izikhulu zaseZowani seziphenduke iziwula, izikhulu zaseNofi ziluthekile. Labo abayizinsika zezizwe zalo balidukisile iGibhithe.


Usuku luyakuba mnyama eThehafenehesi, lapho nginqamula khona amajoka aseGibhithe; nokuzikhukhumeza ngamandla alo kuyakuphela kulo. Liyakusitshekelwa yifu, kuthunjwe nabahlala emizaneni yalo.


Ngiyakuthungela umlilo eGibhithe; iSini libinyabinyeke ezinhlungwini, iThebe ibhodlozwe, iMemfisi ihlaselwe emini.


IPhathirosi ngiyakulenza libe lihlane, ngiphembe umlilo eZowani, ngilijezise iNo.


ngibabuyise ekuthunjweni, ngibabuyisele ePhathirosi, izwe abadabuka kulo, babe ngumbuso othobekileyo lapho.


Qoqa amasaka akho ulungele ukuthunjwa, wena ndodakazi yaseGibhithe, ngokuba iMemfisi iyakuba yincithakalo, iyakushiswa kungabe kusaba bikho ohlala kulo.


Abantu baseNofi nabaseThahiphanesi baluphucile ukhakhayi lwakho.


“ ‘Ngalokho-ke ngimelene nawe nemifula yakho. IGibhithe ngiyakulenza libe yincithakalo, imbubhiso nehlane, kusukela eMigidoli kuye eSevene, kuze kube semngceleni eKhushe.


amaPhathrusi, namaKhasuluhi okwadabuka kubo amaFilisti nabaseKhafithori.


“ ‘Kanjalo njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngenxa yobubi bawo, “ngiyakwenza kanjalo kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, ezikhulwini zakhe, ensalini yaseJerusalema, abasele kuleli lizwe nabakhe eGibhithe, kusho uSimakade.


Uyakwaphula izinsika zaseBhethi Shemeshi eziseGibhithe; ashise ngomlilo amathempeli onkulunkulu baseGibhithe.’ ”


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Ngiyakuzishabalalisa izithombe, ngibaqede nya onkulunkulu abayize eNofi; akusayukuba bikho nkosana evela eGibhithe; ngiyakulifaka ingebhe iGibhithe.


Bhekani-ke, noma bangaphunyuka ekubhujisweni, kodwa iGibhithe liyakubabutha, iNofi ibambele; ingcebo yabo yesiliva idliwe yimbabazane, kube nameva emathendeni abo.


Wonke amadoda ayazi ukuthi omkawo bashisela impepho abanye onkulunkulu, kanye nabesifazane bonke ababemi lapho, ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala eGibhithe, ePhathirosi; bamphendula uJeremiya, bathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite