Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 43:2 - IsiZulu 2020

2 u-Azariya indodana kaHoshayiya, noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abazigqajayo, bathi kuJeremiya: “Uqamba amanga. USimakade uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba, uthi: ‘Ningahambi niyogogobala eGibhithe,’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 kwakhuluma u-Azariya indodana kaHoshaya, noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abaziqhenyayo, bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba uthi: ‘Aniyikuya eGibithe ukuba nigogobale khona,’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 U-Azariya indodana kaHoshaya noJohanani indodana kaKhareya nawo onke amadoda azidlayo bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuthi uthi: Ningayi eGibithe ukuba nigogobale khona.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 43:2
31 Referans Kwoze  

Inhloko yakwa-Efrayimi yiSamariya, inhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyukuma.’ ”


Wayihlubuka futhi nenkosi uNebukhadinezari eyayimfungisile ngoSimakade, wayenza lukhuni intamo yakhe, nenhliziyo yakhe wayenza lukhuni, akaze aphendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.


Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.”


Kwathi ukuba uJeremiya aqede ukukhuluma kubantu bonke, wonke amazwi kaSimakade uNkulunkulu wabo, uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthume wona kubo;


Kwase kusondela bonke abakhuzi bempi, uJohanani indodana kaKhareya, uJezaniya indodana kaHosheya nabo bonke abantu abadala nabancane,


zaya kuGedaliya eMizpha: kwakungu-Ishmayeli indodana kaNethaniya, uJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, uSeraya indodana kaThanihumethi, amadodana ka-Efayi waseNethofa, uJezaniya indodana kaMahakhi, bona nabantu babo.


Yizwani, nibeke indlebe, ningaziqhenyi, ngokuba uSimakade ukhulumile.


Bonke abanhliziyo ezikhukhumezayo bayisinengiso kuSimakade; impela akayukuyeka ukubajezisa.


UJohanani, indodana kaKhareya, nabo bonke abakhuzi bempi ababenaye, bathatha yonke insali yabantu eyayithunjwe ngu-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, eMizpha, emveni kokuba esebulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, amabutho, abesifazane, izingane, nabathenwa, ayebuye nabo eGibheyoni.


funa ngisuthe, bese ngikuphika, ngithi: ‘USimakade ungubani na?’ funa ngibe mpofu, ngebe, ngilihlambalaze igama likaNkulunkulu wami.


Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda.


Ngamehlo azidlayo, ulimi lwamanga, izandla ezichitha igazi elingenacala;


Umphefumulo wethu sewudinwe kakhulu ngukweyiswa kwabaziqhenyayo nokwedelela kwabazidlayo.


Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.


Sengathi uSimakade angazinquma izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi okuziqhayisa.


Usaziphakamisa, awufuni ukuvumela abantu bami ukuba bahambe na?


Kepha uFaro wathi: “Ungubani uSimakade ukuthi ngingalalela izwi lakhe, ngivumele u-Israyeli ahambe na? Angimazi uSimakade, futhi anginakumdedela u-Israyeli ahambe.”


ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.


Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”


bebalekela amaKhaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wayebulele uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayebekwe yinkosi yaseBhabhele ukuba abe ngumbusi ezweni.


Bathi kuJeremiya: “USimakade makabe ngufakazi oqinisileyo nowethembekileyo oyakumelana nathi uma singenzi konke lokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ayakukuthumela kithi.


Ngokuba nenze iphutha elikhulu ngokungithumela kuSimakade uNkulunkulu wenu, nithi: ‘Sinxusele kuSimakade uNkulunkulu wethu, usitshele konke ayakukusho uSimakade uNkulunkulu wethu, siyakukwenza.’


“Izwi olikhulume kithi egameni likaSimakade asiyukulilalela.


INkosi ithumele izwi kwaJakobe, lehlela nakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite