Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 43:10 - IsiZulu 2020

10 bese uthi kubo: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: bheka, ngiyakuthumela uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami, ngibeke isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwalawa matshe engiwembele lapha, uyakwendlala ithende lakhe lobukhosi phezu kwawo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 uthi kubo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakuthumela ukuba ngimbambe uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibeke isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwalawa matshe engiwashiqeleyo, uyakweneka isivikelo sakhe phezu kwawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 uthi kubo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli; Bheka, ngiyakuthuma ngimthathe uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibeke isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwalawa matshe engiwafihlile; futhi uyokwendlala itende lakhe lobukhosi phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 43:10
19 Referans Kwoze  

Ngokuba ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” kusho uSimakade. “Iyakufika, kube yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobukhosi ezikhaleni zamasango eJerusalema, nakuzo zonke izingange ezilizungezile, nasemizini yonke yakwaJuda.


othi ngoKhoresi: ‘Ungumelusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”


Ubafihla emphemeni wobukhona bakho, ezigungwini zababakhela uzungu. Ubagcina bephephile edokodweni lakho, olimini olumbaxambili.


Ngokuba uzongifihla edokodweni lakhe ngosuku lwenhlupheko, angicashise endaweni efihlakele ethendeni lakhe, angiphakamisele edwaleni.


Uzisonge ngobumnyama, wazemboza ngemvula yamafu amnyama bhuqe!


Ngakho inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa nomuzi wabo.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


Baphuma emini. UBheni Hadadi wayezigcingca ngotshwala emadokodweni, ekanye namakhosi angama-32 ayemsiza.


Kwathi ukuba ezwe leli lizwi, ephuza namakhosi emadokodweni awo, wathi ezincekwini zakhe: “Mayiphume ihlasele!” Yayisiphuma-ke impi, yayolwa nomuzi.


“Usho kanje uSimakade kogcotshiweyo wakhe, uKhoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile ukuba ngehlule izizwe phambi kwakhe, ngihlubule amakhosi izembatho zawo, ngivule iminyango phambi kwakhe; amasango awasayukuvalwa.


“Thatha amatshe amakhulu ngezandla zakho, uwambele onqenqemeni lobumba olusekungeneni kwesigodlo sikaFaro, eThahiphanesi. Lokho ukwenze abaJuda bekubuka,


Leli yizwi likaSimakade alikhuluma kuJeremiya, umphrofethi, ngokuza kukaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ukuzohlasela iGibhithe.


Ingxenye yokuthathu yenu, iyakufa ngobhubhane nangendlala, bayoshabalala phakathi kwakho. Ingxenye yokuthathu elandelayo, iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina ihlakazelwe kuyo yonke imimoya, Mina ngizohosha inkemba, ngizixoshe.


Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e-Elamu, ngibhubhise lapho inkosi nezikhulu,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite