Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 43:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi ukuba uJeremiya aqede ukukhuluma kubantu bonke, wonke amazwi kaSimakade uNkulunkulu wabo, uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthume wona kubo;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubantu bonke onke amazwi kaJehova uNkulunkulu wabo, uJehova uNkulunkulu wabo amthume nawo kubo, onke lawa mazwi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubo bonke abantu amazwi wonke kaJehova uNkulunkulu wabo uJehova uNkulunkulu wabo ayemthume ngawo kubo, wonke lawa mazwi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 43:1
15 Referans Kwoze  

Kwathi lapho eseqedile uJeremiya ukukhuluma konke uSimakade ayemyale ngakho ukuba akusho kubo bonke abantu; abaphristi, abaphrofethi, nabantu bonke, bambamba, bathi: “Uzokufa nokufa.


Kuyothi lapho usuqedile ukuwufunda lo mqulu, uwubophele etsheni, uwuphonse emfuleni iYufrathe,


Ngakho-ke yazini ngokweqiniso ukuthi niyakufa ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, niyofela kuleyo ndawo enifisa ukuya kuyo ukuba niyogogobala khona.”


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


“Hambani, niye ethempelini, nikhulume kubantu bonke amazwi alokhu kuPhila.”


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.


“Ngalokho-ke wena, bopha ukhalo lwakho, usuke uyokhuluma kubo konke engiyakukuyala ngakho. Ungapheli amandla ngenxa yabo, funa ngikuqede amandla phambi kwabo.


Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho.


USamuweli wabatshela abantu ababecele kuye inkosi wonke amazwi kaSimakade.


UMose weza watshela abantu wonke amazwi kaSimakade nezehlulelo zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Wonke amazwi uSimakade awakhulumile sizowenza.”


ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.


Ziqambe amanga ngoSimakade, zathi: “Ngeke eze Yena, asehlisele okubi, asiyukubona nkemba nandlala.


Nginitshelile namuhla, kodwa anililaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngisho nokukodwa nje angithume khona kini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite