Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 42:6 - IsiZulu 2020

6 Siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye, noma ngabe lihle noma libi, ukuze kusihambele kahle, siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Noma lilihle, noma lilibi, siyakulilandela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye ukuba kube kuhle kithi, lapho sililalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Noma lihle noma libi, siyakulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye; ukuze kube kuhle kithi, uma sililalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 42:6
16 Referans Kwoze  

kodwa ngabayala ngalokhu, ngathi: lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, niyakuhamba ngazo zonke izindlela enganiyala ngazo, ukuze kunihambele kahle konke.


Sengathi kungaba njalo enhliziyweni yabo, bangesabe, bayigcine njalo yonke imiyalelo yami, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


Ngokuba ukucabanga komuntu esenyameni kungubutha kuNkulunkulu, lokhu akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi akusoze kwawuthobela,


Niyohamba njalo endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile futhi kube kuhle kini, zande izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.”


Pho okuhle kwaba ngukufa kimi na? Phinde, akunjalo, kodwa isono, ukuze sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngokusebenzisa okuhle, ukuba isono ngomyalo sibe sibi kakhulu.


Pho sizakuthini na? Ngabe umthetho uyisono na? Qha nakanye, kepha ngabe angisazanga isono ukuba kwakungekho umthetho, ngokuba ngangingekwazi nokufisa ukuba umthetho awushongo ukuthi: “Ungafisi.”


Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.


Uyakudla okwezikhwepha zakho, ubusiseke, ube nempumelelo.


Abantu bathi kuJoshuwa: “Siyomkhonza uSimakade uNkulunkulu wethu, silalele izwi lakhe.”


Wayesethatha incwadi yesivumelwano, wayifunda belalele abantu, bonke bathi: “Konke uSimakade akukhulumile, sizokwenza, sizokukuhlonipha.”


Sondela wena, uzwe konke lokho uSimakade uNkulunkulu wethu azokukhuluma, bese wena ukhuluma nathi, usitshele wonke amazwi uSimakade uNkulunkulu wethu azowasho kuwe, siyokulalela, siwenze.’


“Ukuncintisana ngemisedari ngabe kukwenza ube yinkosi yini na? Angithi uyihlo wadla, waphuza, wenza ubulungiswa nokulunga, kwaba kuhle kuye na?


UJohanani, indodana kaKhareya, abakhuzi bempi, nabantu bonke kabalilalelanga izwi likaSimakade lokuba bahlale ezweni lakwaJuda.


Ngemilomo yabo babemthopha, kodwa beqamba amanga bngezilimi zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite