Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 42:4 - IsiZulu 2020

4 UJeremiya, umphrofethi, wayesethi kubo: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuSimakade uNkulunkulu wenu njengoba ninxusile, kuyakuthi noma yiliphi izwi uSimakade ayoniphendula ngalo, nginitshele lona, angiyukunigodlela lutho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wayesethi kubo uJeremiya umprofethi: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuJehova uNkulunkulu wenu njengamazwi enu; kuyakuthi noma yintoni uJehova ayakuniphendula ngayo, nginitshele yona, nginganigodleli lutho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wayesethi umprofethi uJeremiya kubo: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuJehova uNkulunkulu wenu njengamazwi enu; nakho konke uJehova akuphendulayo, ngiyakunitshela khona; Ngeke ngikugodle lutho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 42:4
13 Referans Kwoze  

Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami, ngikumemezele ukwethemba kwakho nensindiso yakho. Angizange ngilifihlele ibandla elikhulu umusa wakho neqiniso lakho.


Yebo, mangingakwenzi mina ukuba ngone kuSimakade ngiyeke ukunikhulula; ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.


UMose wathi: “Uma ngisuka lapha kuwe, ngizokhuleka kuSimakade ukuba kusasa azisuse izinkumbi zezibawu kuFaro, nasezincekwini zakhe, nakubantu bakhe. Kodwa-ke uFaro makangaphinde akhohlise ngokuthi uzakubavumela abantu bahambe ukuyokwenzela uSimakade umhlatshelo.”


Angizange futhi ngikugweme ukunitshela lokho okuwusizo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.


Umphrofethi onephupho makalande ngalo iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukusanhlamvu na?” kusho uSimakade.


Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngukuba abakwa-Israyeli basindiswe.


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.


Niyakusho kanjalo, omunye kumakhelwane wakhe, nomfowabo kumfowabo, nithi: ‘USimakade uphendule wathini na?’ nokuthi: ‘USimakade utheni na?’


“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite