Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 42:22 - IsiZulu 2020

22 Ngakho-ke yazini ngokweqiniso ukuthi niyakufa ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, niyofela kuleyo ndawo enifisa ukuya kuyo ukuba niyogogobala khona.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngalokho yazini nokwazi ukuthi niyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo endaweni enifisa ukuya kuyo ukuba nigogobale khona.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Yazini ngokuqinisekile ukuthi niyokufa ngenkemba, ngendlala, nangesifo, endaweni enithanda ukuya kuyo ukuba nigogobale khona.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 42:22
10 Referans Kwoze  

Kuyakuthi bonke abantu abayakulibhekisa eGibhithe ukuba bagogobale khona; bafe ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, akuyukuba bikho oyosinda, aphunyuke enhlekeleleni engiyobehlisela yona.’


Bhekani-ke, noma bangaphunyuka ekubhujisweni, kodwa iGibhithe liyakubabutha, iNofi ibambele; ingcebo yabo yesiliva idliwe yimbabazane, kube nameva emathendeni abo.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Shaya ihlombe ngesandla sakho, ugxobe ngonyawo lwakho, bese uthi: “Maye, ngenxa yazo zonke izinengiso zezenzo ezimbi zendlu yakwa-Israyeli!” “ ‘Bayakufa ngenkemba, ngendlala nangobhubhane.


Uyakufika, alihlasele iGibhithe, kufe abafayo, kuthunjwe abathunjwayo, inkemba idle emdlayo.


Ukukhosela kwenu kuFaro kuzophenduka ichilo kini, nokukhosela emthunzini eGibhithe kuyonithela ngehlazo.


Ngiyakuyishabalalisa insali yakwaJuda, eqoke ukuya eGibhithe ukuyogogobala khona, bonke bayofela eGibhithe, babulawe yinkemba nendlala; kanjalo abancane nabadala, bayobulawa yinkemba nendlala, babe yisithuko, into esabekayo, isiqalekiso nehlazo.


“Uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngifunga ngiyagomela ngithi, labo abasezindaweni ezichithakele impela bayokufa ngenkemba, osendle ngiyakumnikela ezilwaneni ukuba zimudle, nabasezinqabeni nasemigedeni bayobulawa wubhubhane.


Ngiyakuthuma kubo inkemba, indlala, nobhubhane, baze baphele nya ezweni engalinika bona nokhokho babo.” ’ ”


Okude uyakufa ngobhubhane, oseduze afe ngenkemba, kuthi osele ephila nolondekile, abulawe yindlala; ngiyakukufeza kanjalo ukuthukuthela kwami kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite