Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 42:15 - IsiZulu 2020

15 Ngakho-ke manje, yizwa izwi likaSimakade wena nsali yakwaJuda. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma niphikelela ukuya eGibhithe, ukuze nigogobale khona,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 yizwa manje izwi likaJehova wena nsali yakwaJuda; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma nibhekisa nokubhekisa ubuso benu ukuya eGibithe, nihambe ukuba nigogobale khona,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Manje yizwani izwi likaJehova nina nsali yakwaJuda! Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Uma ubhekisa nokubhekisa ubuso bakho ukungena eGibithe, ugogobale khona;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 42:15
8 Referans Kwoze  

Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’


Kuyakuthi bonke abantu abayakulibhekisa eGibhithe ukuba bagogobale khona; bafe ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, akuyukuba bikho oyosinda, aphunyuke enhlekeleleni engiyobehlisela yona.’


Kwathi sekusondele izinsuku zokuba enyuselwe ezulwini, wanquma ukuya eJerusalema.


Uyakubhekisa ubuso bakhe ukuze afike nombuso wakhe namandla kanye nezinto ezilungileyo bese enza isivumelwano naye, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayenzakalise, kepha ayiyukuma, futhi ayiyukuba ngeyakhe.


Wabaleka nakho konke ayenakho, waqala wawela umfula, walibangisa kwelezintaba kwaGileyadi.


Kuyakuthi isizwe nombuso okungayukumkhonza uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, okungayibekanga intamo yakho phansi kwejoka lakhe, leso sizwe ngiyosijezisa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, ngisiqede ngesandla sakhe, kusho uSimakade.


UJeremiya wathi kubo bonke abantu, nakubo bonke abesifazane: “Yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bakwaJuda eniseGibhithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite