Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 41:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha kwakukhona amadoda alishumi phakathi kwawo, athi ku-Ishmayeli: “Ungasibulali, ngokuba emasimini ethu sinengcebo kakolo, ibhali, amafutha, noju.” Wayesewayeka, wangawabulala nabafowabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwabo asho ku-Ishmayeli, athi: “Ungasibulali, ngokuba sinokolweni, nebhali,* namafutha, nezinyosi okubekelelwe endle.” Wayesebayeka, akababulalanga kanye nabafowabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwalawo athi ku-Ishmayeli: “Ungasibulali, ngokuba sinengcebo endle: ukolweni, nebhali, namafutha, nezinyosi.” Futhi wayishiya futhi akababulalanga phakathi kwabafowabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 41:8
9 Referans Kwoze  

Inhlawulo yokuphila komuntu yingcebo yakhe, kepha ompofu akalaleli ekhuzwa.


USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe.


Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?


“Ngalokho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla, nomzimba kunesembatho na?


Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezifihlakeleyo, ukuba wazi ukuthi nginguSimakade okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Umgodi lapho u-Ishmayeli alahla khona izidumbu zamadoda ayewabulele kwakuwumgodi omkhulu owawumbiwe yinkosi u-Asa, ukuze azivikele kuBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli. U-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wawugcwalisa ngezidumbu zababuleweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite