Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 41:5 - IsiZulu 2020

5 kwafika amadoda angama-80 evela eShekhemi, eShilo, naseSamariya egunde izilevu zawo, nezingubo zawo ziklejuliwe, nawo ezisikile uqobo, ephethe ngezandla zawo iminikelo yokusanhlamvu nempepho ukuzokunikela endlini kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 kwafika amadoda angamashumi ayisishiyagalombili evela eShekemi, naseShilo, naseSamariya, izilevu zawo ziphuculiwe nezingubo ziklejuliwe, bezisikile, bephethe iminikelo yempuphu nempepho ezandleni zabo ukuba bakulethe endlini kaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 kwafika abanye bevela eShekemi, eShilo naseSamariya, abantu abangamashumi ayisishiyagalombili, bephucile, nezingubo zabo ziklebhukile, bezisikile, bephethe iminikelo nempepho ezandleni zabo, ukuba balethe endlini kaJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 41:5
28 Referans Kwoze  

Wathenga intaba iSamariya kuShemere, ngamathalenta amabili esiliva. Wakha entabeni, waqamba igama lomuzi wakhe ayewakhile ngokuthi yiSamariya.


Washisa ngomlilo indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, nazo zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.


Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


“Ningabantu bakaSimakade uNkulunkulu wenu; aniyukuzisika, aniyukuwaphuca amashiya enu ngenxa yofileyo.


URehobhowamu waya eShekhemi, lapho wonke u-Israyeli ayebuthene khona ukuba ambeke inkosi.


U-Abhimelekhi, indodana kaJerubhali, waya eShekhemi ezihlotsheni zikanina nakubo bonke abomndeni wasekhayakonina, wathi:


UJakobe wafika ephephile emzini iShekhemu owawuseKhanani, evela ePhadani Aramu, wagoba amadlangala phambi komuzi.


Bayokhuphukela ethempelini; iDibhoni lenyukele ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala. AbakwaMowabi bayalila ngeNebho nangeMedebha; wonke amakhanda ayizimpandla, nezilevu zonke ziphuciwe.


U-Ahabi, indodana ka-Omri, waqala ukubusa kwa-Israyeli ngonyaka wama-38 wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda. U-Ahabi, indodana ka-Omri wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka engama-22.


UJerobhowamu wakha iShekhemu ezintabeni kwa-Efrayimi, wahlala kulo; wedlula lapho wayokwakha nePhenuweli.


U-Elikhana wayenza kanjalo minyaka yonke, uma enyukele endlini kaSimakade. UPhenina wayemchukuluza njalo uHana, ngakho-ke wakhala, akaze adla lutho.


Ngizokwenza kule ndlu ebizwa ngeGama lami nenithembela kuyo, nakule ndawo enganinika yona, nina nokhokho benu, njengalokhu ngenza eShilo.


“ ‘Kepha ake nihambe niye endaweni yami eShilo, lapho ngaqala khona ukubeka iGama lami, nibone engakwenza kuyo ngenxa yobubi babantu bami, u-Israyeli.


Ngokuba izinceku zakho ziyathokoza ngamatshe alo, ziyadabuka ngothuli lwalo.


UHanuni wazibamba izinceku zikaDavide, wazigunda ingxenye yezilevu zazo, wahhephuna izingubo zazo kwaze kwaba sezinqeni, wayesezikhomba indlela.


Amathambo kaJosefa ayekhushulwe ngabakwa-Israyeli eGibhithe, bawangcwaba eShekhemi esiqeshini somhlaba esasithengwe nguJakobe emadodaneni kaHamori, uyise kaShekemi, ngamakesita ayikhulu, saba yifa labantu bakwaJosefa.


UShekhemu, indodana kaHamori, umHivi, owayebusa kulelo lizwe, wambona wamthatha, wamona, wamthela ngehlazo.


Ngelinye ilanga abafowabo bakaJosefa bahamba nomhlambi kayise beyowelusela eShekhemu.


Bazimisela isithombe esibaziweyo esasenziwe nguMikha, ngaso sonke isikhathi indlu kaNkunkulu iseseShilo.


Walilahla ithabanakeli eliseShilo, ithende ayelimise phakathi kwabantu bakhe.


“Izikhulu nabantukazana bayofela kuleli lizwe, abayukungcwatshwa, abayukulilelwa. Abantu abayukuzisika, abayukuwaphuca amakhanda ngenxa yabo,


Kwathi ngosuku lwesibili uGedaliya ebulewe, kungazi muntu,


IGaza iyakuba nempandla, i-Ashikeloni lishabalele, wena nsali yensali yesigodi sabo, uyakuzisika kuze kube nini na?


Wonke amakhanda ayizimpandla, zonke izilevu zigundiwe, nazo zonke izandla zinqunyiwe; kukhona indwangu eyisaka okhalo.


Dabulani izinhliziyo zenu, hhayi izingubo zenu, nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, unesihe nothando olungenamkhawulo, uyaxolela angabe esajezisa.


UHanuni wayesezibamba izinceku zikaDavide, waziphuca amakhanda nezilevu, wasika izingubo zazo kwaze kwaba sezinqeni, wayesezikhomba indlela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite