Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 41:18 - IsiZulu 2020

18 bebalekela amaKhaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wayebulele uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayebekwe yinkosi yaseBhabhele ukuba abe ngumbusi ezweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 ngenxa yamaKaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ebembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyamenza umbusi ezweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngenxa yamaKaledi, ngokuba ayewesaba, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabulala uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyayimmisile ukuba abe ngumbusi ezweni.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 41:18
11 Referans Kwoze  

Engakathathi isinqumo, yathi kuye: “Buyela kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, inkosi yaseBhabhele embeke ukuba abe ngumbusi obusa imizi yakwaJuda, uyohlala naye phakathi kwabantu, noma-ke uyakuya noma kuphi lapho uthanda ukuya khona.” Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho, yamdedela ukuba ahambe.


kuyakuthi inkemba eniyesabayo inifice khona eGibhithe, nifele lapho.


Ningayesabi inkosi yaseBhabhele le eniyesabayo. Ningayesabi, kusho uSimakade, ngokuba nginani ukuba nginisindise, nginihlenge esandleni sayo.


“Ngubani owawunovalo ngaye, futhi umesaba, waze waqamba amanga; awungikhumbulanga, futhi awukufakanga enhliziyweni yakho na? Angithulanga yini kwaze kweqa, okukwenze awaba nakungesaba na?


Kwathi ngenyanga yesikhombisa kwafika u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya ka-Elishama ongowozalo lwasebukhosini, ehamba namadoda alishumi, wafika washaya uGedaliya waze wafa kanye nabaJuda namaKhaledi ayenabo eMizpha.


Kwase kusondela bonke abakhuzi bempi, uJohanani indodana kaKhareya, uJezaniya indodana kaHosheya nabo bonke abantu abadala nabancane,


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wabeka uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba abe ngumbusi phezu kwensali yakwaJuda ayeyishiyile ezweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite