Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 41:10 - IsiZulu 2020

10 U-Ishmayeli wathumba bonke abantu ababesele eMizpha, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele khona, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuze adlulele kwabakwa-Amoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 U-Ishmayeli wayesethumba yonke insali yabantu ababeseMispa, amadodakazi enkosi, nabo bonke abantu ababesele eMispa, uNebusaradani induna yabalindi wababeka kuGedaliya indodana ka-Ahikamu; no-Ishmayeli indodana. KaNethaniya wabathumba, wahamba ukuwelela kubantwana bakwa-Amoni.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 41:10
13 Referans Kwoze  

bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi uBhahalisi, inkosi yabakwa-Amoni, uthumele u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, ukuba akubulale na?” Kepha uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, akazange abakholwe.


Bonke abakhuzi bempi ababesehlane namabutho abo, bezwa ukuthi inkosi yaseBhabhele ibeke uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, ukuba abe ngumbusi ezweni, nokuthi inikele kuye abesilisa, abesifazane, abantwana, nezimpofana zezwe abangathunjelwanga eBhabhele;


Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”


Kodwa lapho uSanibhalathi, umHoroni noThobiya, inceku yakwa-Amoni, bezwa ukuthi kufike umuntu ozosebenzela inhlalakahle ka-Israyeli, bacunuka kakhulu.


Inkosi yaseBhabhele yabulala amadodana kaZedekiya eRibhila phambi kwakhe, ebuka; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Le ndoda yilobeni ukuthi ayinamntwana, indoda engayukuphumelela ngezinsuku zayo. Ngokuba akukho namunye ozalweni lwayo oyophumelela, ahlale esihlalweni sobukhosi sikaDavide, abuye abuse kwaJuda.”


“Bonke abafazi bakho nezingane zakho bayobayisa kumaKhaledi. Wena awuyukuphunyuka esandleni sabo, kodwa isandla senkosi yaseBhabhele siyakukubamba, nalo muzi ushiswe ngomlilo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite