Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 41:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya ka-Elishama, ongowozalo lwasebukhosini futhi engomunye wezikhulu zenkosi kanye namadoda alishumi, bafika kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu eMizpha, badla khona ukudla ndawonye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama, wozalo lwenkosi nowezikhulu zenkosi, wafika namadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa, badla khona isinkwa kanyekanye eMispa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama wozalo lwenkosi, nezikhulu zenkosi, namadoda ayishumi kanye naye, kwafika kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa; badla isinkwa ndawonye eMispa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 41:1
25 Referans Kwoze  

zaya kuGedaliya eMizpha: kwakungu-Ishmayeli indodana kaNethaniya, uJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, uSeraya indodana kaThanihumethi, amadodana ka-Efayi waseNethofa, uJezaniya indodana kaMahakhi, bona nabantu babo.


UJeremiya wayesehamba, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayeseMizpha, wahlala naye nabantu ababesele ezweni.


Ngisho nomhlobo wami ebengimethemba, ngimupha ukudla kwami, usengiphendukele.


“Angikhulumi ngani nonke, ngokuba ngiyabazi engibakhethileyo. Kepha ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphendukele.’


Yayisithatha owozalo lwasebukhosini, yenza naye isivumelwano, yamfungisa, yathumba nabaholi balelo lizwe,


Zase ziya enkosini egcekeni. Umqulu zaziwubeke ekamelweni lika-Elishama, umbhali, zase ziyibikela wonke lawa mazwi inkosi ilalele.


wayesehlela esigodlweni senkosi, ekamelweni lombhali; bheka, kwakuhleli khona zonke izikhulu: u-Elishamu umbhali, uDelaya indodana kaShemaya, u-Elinathani indodana ka-Akhibhori, uGemariya indodana kaShafani, uZedekiya indodana kaHananiya, nazo zonke izikhulu.


Ulaka lungulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Ukuziqhenya kudala ingxabano yodwa, kodwa kulabo abemukela ukwelulekwa kukhona ukuhlakanipha.


Bangibuyisele okubi ngokuhle, nenzondo ngothando lwami.


Kwathi ukuba u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, abone ukuthi indodana yakhe ifile, wasuka wabulala bonke abozalo lwasebukhosini bendlu yakwaJuda.


Kwathi ngenyanga yesikhombisa kwafika u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya ka-Elishama ongowozalo lwasebukhosini, ehamba namadoda alishumi, wafika washaya uGedaliya waze wafa kanye nabaJuda namaKhaledi ayenabo eMizpha.


Kwathi ukuba u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, abone ukuthi indodana yakhe ifile, waqala ukubhubhisa bonke abasebukhosini.


U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


ukuba uJeremiya akhishwe egcekeni labalindi. Bamedlulisela kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.


Engakathathi isinqumo, yathi kuye: “Buyela kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, inkosi yaseBhabhele embeke ukuba abe ngumbusi obusa imizi yakwaJuda, uyohlala naye phakathi kwabantu, noma-ke uyakuya noma kuphi lapho uthanda ukuya khona.” Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho, yamdedela ukuba ahambe.


UJohanani, indodana kaKhareya, nabo bonke abakhuzi bempi ababesendle, beza kuGedaliya eMizpha,


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wabeka uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba abe ngumbusi phezu kwensali yakwaJuda ayeyishiyile ezweni.


Bonke abakhuzi bempi ababesehlane namabutho abo, bezwa ukuthi inkosi yaseBhabhele ibeke uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, ukuba abe ngumbusi ezweni, nokuthi inikele kuye abesilisa, abesifazane, abantwana, nezimpofana zezwe abangathunjelwanga eBhabhele;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite