Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 40:4 - IsiZulu 2020

4 Bheka, manje ngiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho. Uma kukuhle kuwe ukuba uye nami eBhabhele, woza, ngiyakukunakekela, kodwa uma ungafuni ukuya nami eBhabhele, hlala. Uyabona, lonke izwe liphambi kwakho; yana lapho ufisa ukuya khona.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bheka, manje sengiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho. Uma kukuhle emehlweni akho ukuya nami eBabele, woza ngiyakukubheka; kepha uma kukubi emehlweni akho ukuya nami eBabele, kuyeke; bheka, izwe lonke lisebusweni bakho; lapho kukuhle nalapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Manje bheka, namuhla ngiyakukhulula amaketanga asesandleni sakho. Uma kukuhle kuwe ukuhamba nami eBabele, woza; futhi ngizoninakekela kahle; kepha uma kukubi emehlweni akho ukuya nami eBabele, kuyeke; bheka, izwe lonke liphambi kwakho; nomaphi lapho kubonakala kukuhle futhi kukulungele ukuba uye khona, hamba khona.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 40:4
8 Referans Kwoze  

U-Abhimeleki wayesethi: “Nanti izwe phambi kwakho, ungakha nomaphi lapho uthanda khona.”


Awuliboni yini leli lizwe eliphambi kwakho na? Masehlukane-ke. Uma uya enyakatho, mina ngizoya eningizimu. Uma uya eningizimu, mina ngizoya enyakatho.”


iGibhithe lisezandleni zakho. Uyihlo nabafowenu bahlalise endaweni enhle ezweni, mabahlale eGosheni. Uma kukhona phakathi kwabo abanekhono lokwelusa, ubabeke babe ngabaphathi bemfuyo yami.”


UJeremiya, wathi: “Amanga lawo. Angihlubukeli kumaKhaledi.” Kepha akamlalelanga. U-Iriya wambopha uJeremiya wamyisa ezikhulwini.


Ungihaqe nxazonke, angikwazi ukuphunyuka, wangibopha ngamaketanga asindayo.


“Wawusuthi ezincekwini zakho: ‘Mletheni kimi ukuze ngimbone.’


Yathi kuHamani: “Isiliva ngelakho nabantu, yenza ngakho njengoba ubona kufanele.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite