Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 40:3 - IsiZulu 2020

3 uSimakade usekulethile, wakwenza njengokusho kwakhe, ngokuba nonile kuSimakade, kanililalelanga izwi lakhe, yingakho nehlelwe yilokhu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 usekulethile uJehova, wakwenza njengokukhuluma kwakhe, ngokuba nonile kuJehova, kanililalelanga izwi lakhe; ngalokho le nto inehlele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJehova wakuletha, wenza njengokukhuluma kwakhe, ngokuba nonile kuJehova, analalela izwi lakhe, ngalokho le ndaba ibe phezu kwenu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 40:3
12 Referans Kwoze  

Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


Bonke ababafumanayo babashwabadela; abamelene nabo bathi: ‘Asinacala, ngokuba yibo abonile kuSimakade; ikhaya labo lokulunga, uSimakade, ithemba lokhokho babo.’


Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.


Nokho bewufanele ukusehlisela zonke lezo zinto; wenze okulungileyo, thina senza okubi.


“Kepha kuthe sebehleli ngokuthula, babuye benza okubi emehlweni akho. Wawusubayekela ezitheni zabo ukuze zibabuse. Kwathi lapho sebekunxusa, wabezwa usezulwini, ngesihawu sakho wabakhulula futhi.


“Kuyothiwa ngalokho: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo asenza nabo mhla ebakhipha eGibhithe,


Konke lokhu kungenxa yokuba nashisa impepho ngaleyo ndlela, nona kuSimakade, anililalelanga izwi lakhe, anihambanga ngomthetho wakhe, ngezimiso zakhe, nangezexwayiso zakhe, ngakho-ke le nhlekelele inehlele kuze kube yinamuhla.”


“USimakade Wamabandla owakutshala ukhulume okubi ngawe, ngenxa yobubi obenziwe yindlu ka-Israyeli nendlu yakwaJuda, bachukuluza ulaka lwami ngokushisela uBhali impepho.”


“Izizwe eziningi ziyokwedlula kulo muzi, kube yileso naleso sithi kwesinye: ‘USimakade ukwenzeleni okunje kulo muzi omkhulu na?’


“Hamba utshele u-Ebhedi Melekhi, umKhushe, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: bheka, ngiyakuwafeza amazwi ami amelene nalo muzi kuyoba ngokubi, hhayi okuhle, ngalolo lusuku ayofezeka phambi kwakho.


USimakade wenze abekusophile, ufeze izwi lakhe ayelishilo kwasemandulo; ubhidlizile ngokungenaluzwelo, isitha wasenza sathokoza phezu kwethu, waphakamisa uphondo lwezitha zethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite