Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 40:10 - IsiZulu 2020

10 Bhekani, mina ngizohlala eMizpha, ngiwakhonze amaKhaledi ayofika kithina; kodwa nina, zibutheleni ngezitsha zenu iwayini, izithelo, namafutha, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bhekani, mina ngiyakuhlala eMispa, ngiwakhonze lawo maKaledi ayakufika kithina, kepha nina, buthani iwayini, nezithelo, namafutha, nikubeke ezitsheni zenu, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Mina-ke, bheka, ngiyohlala eMispa ukuze ngikhonze amaKaledi azakuza kithi; kodwa wena buthani iwayini nezithelo zasehlobo namafutha, nikubeke ezitsheni zenu, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 40:10
15 Referans Kwoze  

bonke abaJuda babuya kuzo zonke izindawo ababexoshelwe kuzo, babuyela ezweni lakwaJuda, kuGedaliya eMizpha, bazibuthela iwayini nezithelo, okuningi kakhulu.


Ngiyakukhalela wena mvini waseSibhina, ngikukhalela kakhulu kuneJazeri, ngokuba amagatsha akho alwedlulile ulwandle, aze afinyelela olwandle eJazeri. Umbhubhisi uzakuthelekela izithelo zenu namagilebhisi enu.


UNebuzaradani, induna yabalindi, wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngalolo lusuku.


ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘UJonadaba, indodana kaRekhabhi, akayukuswela muntu oyokuma phambi kwami kuze kube phakade.’ ”


Ngakho-ke khalela izivini eSibhima njengokulila kweJazeri. Ngikuthela ngezinyembezi zami wena Heshibhoni, nawe Elehale, ngokuba ukujabulela isivuno sakho sezithelo nesokusanhlamvu kuphelile.


Kwathi uDavide esedlule ibangana nje esicongweni sentaba, wahlangatshezwa nguZiba, inceku kaMefibhoshethi, nezimbongolo ezimbili ezaziboshelwe, zithwele izinkwa ezingama-200, izigaxa eziyikhulu zamagilebhisi omisiwe, izigaxa eziyikhulu zezithelo zasehlobo, nemvaba yewayini.


nguJoshuwa, indodana kaNuni omi phambi kwakho, oyongena kulo. Wena mqinise, ngokuba nguyena oyokwenza u-Israyeli alidle izwe.


Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”


Maye kimi! Ngokuba sengifana nokuvunwa kwezithelo zasehlobo, nanjengokukhothozwa komvini, akukho hlukuzo lamagilebhisi elingadliwa, iphango lami linxanela amakhiwane okuqala.


UJeremiya wayesehamba, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayeseMizpha, wahlala naye nabantu ababesele ezweni.


Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.


“Uyogcina uMkhosi Wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa, emveni kokubutha okwesibuya sakho nokwesikhamo sakho,


Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezima njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.


Lapho utshani bushabalala, kuhluma obusha, bese kukhiwa imifino ezintabeni,


UJohanani, indodana kaKhareya, nabakhuzi bempi, bathatha yonke insali yakwaJuda eyayibuye ezizweni zonke lapho yayixoshelwe khona ukuba izogogobala ezweni lakwaJuda:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite