Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:8 - IsiZulu 2020

8 Ngalokho bhincani indwangu eyisaka, nikhale, nilile, ngokuba intukuthelo kaSimakade evuthayo ayikasuki kithi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngalokho bhincani izindwangu zamasaka, nikhale, nihewule, ngokuba ulaka oluvuthayo lukaJehova alubuyanga kithi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Bese bhinca indwangu yamasaka, ukulila nokukhala, ngokuba ulaka lukaJehova alusukanga kithi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:8
22 Referans Kwoze  

Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu eyisaka, uzigingqe emlotheni, ulile sengathi ulilela indodana eyodwa, ukukhala okulusizi, ngokuba umbhubhisi uzotheleka phezu kwakho masinyane.


Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,


Thuthumelani nina besifazane abazinzileyo, nihlupheke nina enizethembayo, khumulani nibe nqunu, nibophe izinkalo zenu.


Maningacashi phakathi kwabathunjiweyo, noma phakathi kwababuleweyo, ngoba kukho konke lokhu, ulaka lukaSimakade alukabohli, nangesandla sakhe usashaya.


Ngenxa yalokho intukuthelo kaSimakade yasivuthela isizwe sakhe, welula isandla sakhe wasishaya. Izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucuza emigwaqweni; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibohli, isandla sakhe silokhu sishayile.


“Ngiyakuguqula amadili enu abe ngukukhala, namaculo enu wonke abe yisililo, ngiyakubhincisa zonke izinkalo zenu ngendwangu eyisaka, ngenze amakhanda abe zimpandla, kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwalokho kuyakufana nosuku olunomunyu.”


“Ndodana yomuntu, phrofetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Lilani, nithi: “ ‘ “Maye, ngalolo lusuku!”


Khala, udinde isililo, ndodana yomuntu, ngokuba iyakwehlela kubantu bami, yehlele kuzo zonke izikhulu zakwa-Israyeli, zinikelwe enkembeni nabantu bami, ngakho-ke thwala imikhono ekhanda.


UMowabi ujabhisiwe, uphelelwe ngamandla; khihlani isililo, nikhale, nimemezele e-Arinoni ukuthi uMowabi ubhujisiwe.


Ukuvutha kolaka lukaSimakade akuyukunqandwa, aze akwenze, akufeze okuhloswe yinhliziyo yakhe. Ngezinsuku zokugcina niyakukuqonda lokhu.


Lilani, ngokuba usuku lukaSimakade lusondele; luyofika njengencithakalo evela kuSomandla.


uManase uphendukele u-Efrayimi, u-Efrayimi waphendukela uManase, bobabili baphendukele uJuda. Kukho konke lokho ulaka lukaSimakade alubohlanga, nesandla sakhe usashaya ngaso.


Ngalokho-ke iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayinasihawu ezintandaneni nakubafelokazi bakhona. Ngokuba yilowo nalowo kubo engenabuNkulunkulu, abenzi bokubi, bonke bakhuluma ubuwula ngemilomo yabo; kukho konke lokhu intukuthelo kaSimakade ayibohli, nesandla sakhe sisashaya.


ama-Aramu ngasempumalanga, namaFilisti ngasentshonalanga, bamsobozela u-Israyeli ngemilomo yabo. Phezu kwakho konke lokho, ulaka lukaSimakade alukabohli, isandla sakhe sisashaya.


Ukuvutha kolaka lwakhe wakuthululela phezu kwabo, ulaka, ukufutheka nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi.


USimakade wathi kuMose: “Thatha bonke abaholi babantu, ubabulalele uSimakade lingakashoni ilanga, ukuze intukuthelo kaSimakade evuthayo isuke ku-Israyeli.”


Akunithinti yini nina nonke enedlula ngendlela na? Bhekani nibone ukuthi bukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu obehliselwe mina, uSimakade angihluphekise ngabo ngosuku lolaka lwakhe oluvuthayo.


Mbathani indwangu eyisaka nina baphristi, nilile, nikhihle isililo nina zikhonzi ze-althare. Wozani nilale ubusuku bonke nembethe indwangu eyisaka nina zinceku zikaNkulunkulu wami. Ngokuba umnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo akusalethwa endlini kaNkulunkulu wenu.


Hhewulani, nina belusi, nikhihle isililo, nizibhuqabhuqe emlotheni nina zikhulu zomhlambi, ngokuba sezifikile izinsuku zokuhlatshwa nokuhlakazwa kwenu, nizakuwa njengesitsha esihle.


Gunda ube yiphandla, ngenxa yabantwana obathandayo, uyandise impandla yakho njengenqe, ngokuba baya ekuthunjweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite