Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:29 - IsiZulu 2020

29 Yonke imizi iyabaleka ngenxa yomsindo wabamahhashi, nowabaciba ngemicibisholo; abantu bangena emahlokozini, bakhuphukele emadwaleni; imizi yonke isele dengwane, akusekho ohlala kuyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Umuzi wonke uyabaleka ngenxa yomsindo wabamahhashi nowabemicibisholo; bayangena ezihlahleni, bakhuphukele emadwaleni; imizi yonke ishiyiwe, akakho ohlala kuyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Umuzi wonke uyawubalekela umsindo wabamahhashi nabacibishelayo; bayakungena emahlathini, bagibele emadwaleni; yonke imizi iyakushiywa, kungahlali muntu kuyo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:29
14 Referans Kwoze  

Ingonyama iphumile ehlokozini, umbhubhisi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba enze izwe lakho libe yincithakalo, imizi yakini icekelwe phansi, kungabi bikho ohlala kuyo.


Khona “bayakuqala bathi ezintabeni: ‘Welani phezu kwethu,’ nasemagqumeni, bathi: ‘Sisibekeleni.’


Ngabona iNkosi imi ngase-althare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze kuzamazame umnyango phansi, uziphihlize phezu kwamakhanda abo bonke. Abayakusala kubo ngiyakubabulala ngenkemba. Obalekayo kubo akayukuphunyuka nophunyukayo kubo akayukusinda.


Izingange zomuzi zabhodlozwa. Wonke amabutho abaleka, aphulukundlela emzini ebusuku, aphuma ngendlela esesangweni eliphakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi. AmaKhaledi ayewuzungeze nxazonke umuzi, nokho amabutho ahamba ngendlela eya e-Arabha.


Inkulungwane iyakubaleka isongelwa ngoyedwa; kuthi ngokusongelwa ngabayisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe ninjengensika esiqongweni sentaba, nanjengebhanela phezu kwegquma.”


USimakade wabehlisela abakhuzi bempi yenkosi yase-Asiriya. Zambamba uManase, zambopha ngamaketango nangozankosi, zamyisa eBhabhele.


Kwathi lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basenkathazweni ngenxa yengcindezelo enkulu ababekuyo, abantu bacasha emigedeni, emahlozini, emaweni, ezinqabeni, nakuyo imithombokwakhiwa.


uSimakade aze adedisele kude abantu, nencithakalo ibe nkulu ezweni.


Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa, izwi labo liduma njengolwandle, bagibele amahhashi, bahleliwe njengamabutho eyokulwa, bahlelelwe ukulwa nawe, ndodakazi uZiyoni.”


“Ngokuba, niyabona, ngizakuthumela abadobi abaningi babadobe,” usho kanje uSimakade, “ngithumele nabazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo wonke amagquma, nasemifantwini yamadwala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite