Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:28 - IsiZulu 2020

28 Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu liyakuba mnyama, ngokuba ngikukhulumile, nginqumile; anginakuguquka, anginakuphenduka kulokhu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu limnyama, ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, ngingazisolanga; futhi angiyikubuya kukho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ngenxa yalokhu umhlaba uyakukhala, nezulu phezulu liyoba mnyama, ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, angiyikuzisola, futhi angiyikubuya kukho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:28
34 Referans Kwoze  

UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?


Ngalokho-ke izwe liyalila, bonke abahlala kulo bayonda, nezilwane zasendle, izinyoni zezulu, nezinhlanzi zasolwandle kuyashabalala.”


Kuyoze kube nini izwe ligagadekile, nemifino yonke yasendle ibuna na? Ngobubi babakhileyo kulo; izilwane nezinyoni kuyashabalala, ngokuba bathi: “Akayukusibona isiphetho sethu.”


Amazulu ngiwembathisa ubumnyama, ngenze indwangu eyisaka ibe yisembozo sawo.”


Ngalolo lusuku bayogwavuma phezu kwabo, njengokuduma kolwandle; uma umuntu ebuka umhlaba, kuyobe kunesigayegaye sobumnyama, ukukhanya kuphenduke ubumnyama ngenxa yamafu.


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ilanga laba mnyama bhuqe njengendwangu eyisaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,


kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owakhuluma kuye, ethi: “INkosi yafunga, ayiyukuzisola, yathi: ‘Wena ungumphristi kuze kube phakade.’ ”


kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,


esazisa imfihlakalo yentando yakhe ayimisile kuye ngokuthanda kwakhe,


Kwathi ngehora lesithupha kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Ngehora lesithupha kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Kusukela ngehora lesithupha, kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Amasimu onakele, umhlabathi womile, ngoba okusanhlamvu kushaziwe; iwayini elisha lihwamukile, namafutha amasha ashabalele.


Ngiyakubahlawulela yini esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlenge yini ekufeni na? Kufa, luphi ubhubhane lwakho na? Ndawo yabafileyo, kuphi ukubhubhisa kwakho na? uzwelo lufihlakele emehlweni ami.


“ ‘Mina Simakade ngikukhulumile lokho; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyukukuyeka, angiyukuhawukela, angiyukuzisola. Uyakwehlulelwa njengokuziphatha kwakho nangezenzo zakho,’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Ukuvutha kolaka lukaSimakade akuyukunqandwa, aze akwenze, akufeze okuhloswe yinhliziyo yakhe. Ngezinsuku zokugcina niyakukuqonda lokhu.


Intukuthelo kaSimakade ayiyukubohla aze akwenze lokho, ayifeze inhloso yenhliziyo yakhe. Ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda nokukuqonda lokhu.


Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; izwe lomisile ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Baphila impilo embi, basebenzisa namandla abo ngokungafanele.


“UJuda uyalila, amasango akhe awile, balilela izwe; ukukhala kweJerusalema kwenyukele phezulu.


Basenze incithakalo, siyincithakalo, siyalila phambi kwami. Izwe lonke liyincithakalo, kepha akekho onendaba ngalokho.


“Wena-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabancengeli, ungakhuleki ubakhalela, ungabanxuseli kimi ngoba angiyukukulalela.


Ibandla lonke ezulwini liyakuphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyakubuna njengokubuna kweqabunga emvinini, nanjengokubuna kwekhiwane emkhiwaneni.


Umhlaba womile, ubunile, izwe liyashabalala, liyaphela, abahloniphekile bomhlaba bayaphela.


Ngaphezu kwalokho oyiNkazimulo ka-Israyeli akawaqambi amanga, ngokuba akasiye umuntu ukuba azisole.”


Phakamisani ibhanela ngasogangeni eBhabhele, nengeze abaqaphi, nimise abalindi, nibeke abazolala unyendle, ngokuba uSimakade ukuhlosile, futhi uyakukwenza lokho akhuluma ngakho kwabakhileyo eBhabhele.


USimakade wenze abekusophile, ufeze izwi lakhe ayelishilo kwasemandulo; ubhidlizile ngokungenaluzwelo, isitha wasenza sathokoza phezu kwethu, waphakamisa uphondo lwezitha zethu.


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Njengokuba ngangihlele ukunenzakalisa mhla okhokho benu bengithukuthelisile, angizisolanga ngalokho,” kusho uSimakade Wamabandla,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite