Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:27 - IsiZulu 2020

27 Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Izwe lonke liyakuba yincithakalo, kepha angiyukuliqeda liphele nya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ngokuba uJehova usho kanje, uthi: “Izwe lonke liyakuba yincithakalo, kepha angiyikuliqeda ngokupheleleyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Lonke izwe liyakuba yihlane; nokho angiyikuqeda.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:27
29 Referans Kwoze  

Ungesabi wena nceku yami, Jakobe,” kusho uSimakade, “ngokuba nginawe; ngiyakuqeda ngokuphelele zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.”


“Kepha nangalezo zinsuku,” kusho uSimakade, “angiyukuniqeda nya.


“Khuphukelani ezingangeni zalo, nilibhubhise, nokho ningaqothi imbokodo nesisekelo kulo; susani amagatsha alo, ngokuba akusiwo akaNkulunkulu.


ngokuba Mina nginawe,’ kusho uSimakade. ‘Ngiyakukusindisa, ngiziqede nya zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.’


Kwathi ngisaphrofetha, kwafa uPhelathiya, indodana kaBhenaya. Ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngakhala ngezwi elikhulu, ngathi: “Maye, Nkosi Simakade! Uzakuyiqeda nya yini insali yakwa-Israyeli na?”


Kepha nalapho besesezweni lezitha zabo angiyukubalahla, angiyukunengwa yibo ukuba ngingaze ngibaqothule, ngephule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguSimakade uNkulunkulu wabo.


Izwe ngiyakulenza libe yincithakalo neze, ukuzidla ngamandla alo kuyakuphela nya; izintaba zakwa-Israyeli ziyakubhujiswa ukuze kungabi bikho odlula kuzo.


Ngiyakwelula isandla sami ngimelane nabo, izwe ngilenze libe yincithakalo nokuyize ukwedlula ihlane eDibhila, nakuzo zonke izindawo zabo abahlala kuzo. Bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.’ ”


benze izwe labo laba yincithakalo nento enximfelwa njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


Emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema ngiyakuwuthulisa umsindo wokujabula nowokuthokoza, nezwi lomyeni nelikamakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.’ ”


Ingonyama iphumile ehlokozini, umbhubhisi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba enze izwe lakho libe yincithakalo, imizi yakini icekelwe phansi, kungabi bikho ohlala kuyo.


Manje uSimakade usezowenza incithakalo umhlaba, ube yize, agumbuqele ubuso bawo, ahlakaze abakhileyo kuwo.


ukuba ligcwaliseke izwi likaSimakade ngomlomo kaJeremiya, ukuze izwe laneliseke ngamasabatha alo. Ngazo zonke izikhathi, liyakuba yincithakalo liphumule kuze kuphele iminyaka engama-70.


Nokho ngomusa wakho omkhulu, awubabhubhisanga, futhi awubalahlanga, ngokuba unguNkulunkulu onesihawu nomusa.


Kumenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa, ngokuba izwe lonke lenziwe incithakalo. Amathende ami ashatshalaliswe ngokushesha, namakhethini ami ngokuphazima kweso.


“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo, lezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBhabhele iminyaka engama-70.


Ngase ngithulula intukuthelo nolaka lwami, kwavutha emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, kwaphenduka incithakalo nembumbiso njengoba kunjalo nanamuhla.


Nokho iso lami lababheka ngesihawu ukuba ngingababhubhisi, ngingabaqedi nya ehlane.


Ngiyakuyenza imizi yenu ukuba ibhidlizwe, ngizenze izindawo zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angiyukuhogela unqambothi lwephunga lenu elimnandi.


Umkhwanyo uyosala njengokusale kuwohlozwa iminqumo: izithelo ezimbili noma ezintathu ezihlokweni phezulu, ezine noma ezinhlanu emagatsheni omuthi,” kusho uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


INkosi yalilahla i-althare layo, yashiya indawo yayo engcwele; izindonga zezigodlo zamakhosi ayo yazinikela esitheni. Sabanga umsindo omkhulu endlini kaSimakade kwangathi kungosuku lomkhosi.


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite