Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:21 - IsiZulu 2020

21 Kuyoze kube nini ngibona ibhanela, ngizwa umsindo wecilongo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Koze kube nini ngibona ibhandela,* ngizwe izwi lecilongo, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Koze kube nini ngibona ibhanela futhi ngizwa ukukhala kwecilongo?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:21
11 Referans Kwoze  

“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.


O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.


Ngakho-ke wabehlisela inkosi yamaKhaledi, yabulala izinsizwa zakhona ngenkemba endlini yabo engcwele. Ayibanga naluzwelo ensizweni, entombini, kwabadala, nasemidodovini; wabanikela bonke esandleni sayo.


Kwathi ekuqaleni konyaka inkosi uNebukhadinezari yathumela ukuba kulethwe inkosi eBhabhele, nezitsha ezinhle zendlu kaSimakade. Yabe isibeka uZedekiya, umfowabo, ukuba abe yinkosi kwaJuda naseJerusalema.


Inkosi yaseGibhithe yamsusa eJeruselema, izwe yalikhokhisa intela engamathalenta esiliva ayikhulu nethalenta legolide.


UJeremiya wamlilela uJosiya. Bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bayakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla. Bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe ezililweni.


Kumenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa, ngokuba izwe lonke lenziwe incithakalo. Amathende ami ashatshalaliswe ngokushesha, namakhethini ami ngokuphazima kweso.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


nithi: ‘Qha, siyakuya eGibhithe, sihlale khona, lapho singayukuyibona khona impi nomsindo wayo nokukhala kwamacilongo, futhi lapho singayukwentula khona ukudla, silambe.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite