Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:19 - IsiZulu 2020

19 O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami, anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Amathumbu ami, amathumbu ami! Ngibuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ixokozela phakathi kwami; Angikwazi ukuthula, ngokuba uzwile, mphefumulo wami, ukukhala kwecilongo, ukukhala kwempi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:19
48 Referans Kwoze  

Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.


Ngalokho ngithi: “Ningangibuki mina, ngizonikhombisa umunyu ngokulila kalusizi; ningazami ukungiduduza ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.”


Ngakho-ke ingaphakathi lami likhala njengehabhu ngoMowabi, nomphefumulo wami, ngeKhiri Heresi.


Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele izinhlungu; ngibanjwe yimihelo njengowesifazane obelethayo; ngikhonkobele ngengikuzwile, ngethukile ngengikubonile.


Bantwana bami, enginezinseka ngani, uKhristu aze abunjwe kini;


Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


“Mina Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo, nemibono emqondweni wami yangihlupha.


Inhliziyo yami ikhalela abakwaMowabi; ababalekileyo bakhona babalekela eZowari nase-Egila shelishiya; bakhuphukela eLuhithe bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi bayadazuluka.


Buyela endaweni yakho yokuphumula, mphefumulo wami, ngokuba uSimakade ukuphathe ngomusa.


Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngukuba abakwa-Israyeli basindiswe.


Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na?


“Nasi-ke isiphetho sendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, ubuso bami baphaphatheka, kodwa ngayigcina leyo ndaba enhliziyweni yami.”


Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.


“Ngenxa yalokho ngiyakhala, ngikhihla isililo, ngokuba akukho mduduzi eduze nami obezohlumelela umoya wami. Abantwana bami bayincithakalo, ngoba isitha singehlulile.”


Mayelana nabaphrofethi. Inhliziyo yami yephukile ngaphakathi kwami, wonke amathambo ami ayathuthumela. Sengifana nomuntu odakiweyo, nanjengomuntu owahlulwe yiwayini; ngenxa kaSimakade, nangenxa yamazwi akhe angcwele.


Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.


Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.


Kuyoze kube nini ngibona ibhanela, ngizwa umsindo wecilongo na?


“Memezelani kwaJuda, nihlabe umkhosi eJerusalema, nithi: ‘Bethani amacilongo ezweni,’ nimemeze, nithi: ‘Buthanani, masihambe siye emizini ebiyelweyo.’


Haleluya! Dumisa uSimakade, mphefumulo wami.


Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho.


Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, konke okungaphakathi kimi makulibonge igama lakhe elingcwele.


Ngithi kuSimakade: “Wena uyiNkosi yami; akukho buhle kimi ngaphandle kwakho.”


Umfudlana iKhishoni wabakhukhula, umfudlana odla izindwani, umfudlana iKhishoni. Nyathela, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.


Kuyothi lapho niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinihlaselayo, nihlabe umkhosi ngamacilongo. USimakade uNkulunkulu wenu uyonikhumbula, anisindise ezitheni zenu.


Umphefumulo wami mawungangeni emkhandlwini wabo, ungazibandakanyi nomgwamanda wabo, ngoba ekuthukutheleni kwabo babulala abantu, bagenca izinkabi imisipha.


Ngokuba uma icilongo likhala ngomsindo ongaqondakaliyo, ngubani ozakuzilungisela impi na?


Siyizwile imibiko ngabo: izandla zethu zayetha; usizi lusikhungethe, lunjengemihelo yokubeletha.


Ngilimele ngokulinyazwa kwendodakazi yabantu bami, ngiyalila, ukwesaba kungikhungethe.


nithi: ‘Qha, siyakuya eGibhithe, sihlale khona, lapho singayukuyibona khona impi nomsindo wayo nokukhala kwamacilongo, futhi lapho singayukwentula khona ukudla, silambe.’


Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi eRabha labakwa-Amoni. Liyophenduka indunduma yencithakalo, imizana yalo ishiswe ngomlilo; u-Israyeli uyokwephuca labo ababedle ifa lakhe,” kusho uSimakade.


Kuzwakala iziqubulo zempi ezweni nezembumbiso enkulu.


Khona lapho uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathi: “Bhelitheshazari, iphupho nencazelo makungakwesabisi.” UBhelitheshazari waphendula, wathi: “Nkosi, iphupho malibe ngelabakuzondayo, nencazelo yalo ibe ngeyezitha zakho.


Wathi kuyise: “Ngafa yikhanda! Ngafa yikhanda!” Wayesethi encekwini yakhe: “Myise kunina.”


Wamgqolozela uHazayeli, waze waba namahloni. Umuntu kaNkulunkulu wayeseqhumuka wakhala.


Inhliziyo yami iyadwanguza, iyathuthumela; ukuhwelela ebengikulangazelela kungehlele, sekuphenduke ixhala kimi.


Akukho ukududuzeka ngosizi lwami, inhliziyo yami idangele.


“Bheka, Simakade, ngokuba ngilusizi, kuphethuka izibilini. Inhliziyo yami iyayaluza ngaphakathi, ngokuba ngihlubuke kakhulu. Ngaphandle inkemba idla lubi; endlini ngukufa kodwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite