Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:18 - IsiZulu 2020

18 “Ukuziphatha kwakho nezenzo zakho kukulethele lezi zinto; lokhu kungenxa yokukhohlakala kwakho, ngokuba umunyu ufinyelele enhliziyweni yakho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu; lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu; ifinyelele enhliziyweni yakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Indlela yakho nezenzo zakho kukulethele lezi zinto; kungububi bakho, ngoba kumunyu, ngoba kufinyelela enhliziyweni yakho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:18
15 Referans Kwoze  

Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Babe yiziwula ngenxa yeziphambeko zabo nangenxa yobubi babo, bahlushwa.


Akunguwe yini oziholele amanzi ngomsele, ngokushiya uSimakade uNkulunkulu wakho ngesikhathi ekuhola endleleni na?


Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.


Ngakho-ke bazokuvuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo.


Yizwa wena mhlaba, bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu, isithelo samacebo abo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


“Kambe uHezekiya, inkosi yakwaJuda noJuda wonke, bambulala yini uMikha na? Abesabanga yini uSimakade, bamncenga uSimakade, Yena wayiyeka inhlekelele ayekhulume ngayo kubo na? Pho, thina sesizakwehlisela phezu kwethu ububi obukhulu kangaka na?”


Kuyakuthi lapho nithi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu ukwenzeleni kithi konke lokhu na?’ Ubatshele, uthi: ‘Njengalokhu ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo-ke niyakukhonza eningabaziyo ezweni elingesilo elenu.’ ”


Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.


Ububi benu buzibalekisile lezi zinto, nezono zenu zakuvimba okuhle kini.


Ngenza kubo njengokungcola kwabo nanjengezeqo zabo, ngabusitheza ubuso bami kubo.


Abacabangi emiqondweni yabo ukuthi ngibukhumbula bonke ububi babo. Manje sebehaqwe yizenzo zabo, eziphambi kobuso bami.


Abantu abaphrofetha kubo bayakuphonswa emigwaqweni eJerusalema ngenxa yendlala nenkemba. Akuyukuba bikho muntu oyobangcwaba, bona nomkabo, namadodana namadodakazi abo, ngiyakuthela okubi phezu kwabo.


Ungisuthise ngomunyu, wangiphuzisa inyongo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite