Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 39:9 - IsiZulu 2020

9 Insali yabantu ababesemzini, namambuka ayehlubukele kuye, nalabo bantu ababesele kuNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumbela eBhabhele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Insali yabantu ababesala emzini, nabahlubuki ababehlubukela kuye, nensali yabantu abaseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumbela eBabele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UNebuzaradani induna yabalindi wathumba insali yabantu ababesele emzini, nabaseleyo, wabayisa eBabele, nabanye abantu ababesele.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 39:9
20 Referans Kwoze  

Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngemva kokuba uNebuzaradani, induna yabalindi, isimkhululile eRama, ngesikhathi imthatha, wayesaboshwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda, abathunjelwa eBhabhele.


AbakwaMidiyani bamthengisa uJosefa eGibhithe kuPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi.


UNebuzaradani, induna yabalindi, wabathatha, wabayisa enkosini yaseBhabhele, eRibhila.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngalowo mzuzu ngiyozijwiba izakhamuzi zezwe, ngibacindezele ukuze bakuzwe lokho.”


UNebuzaradani, induna yabalindi, yabathumba yabayisa enkosini yaseBhabhele, eRibhila.


Abanye abantu abasala emzini, nalabo abahlubukayo, bahlubukela ngasohlangothini lwenkosi yaseBhabhele, nesixuku esiseleyo, uNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumba bonke.


Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’


Abantu bami bayathunjwa bengazi; amadoda ahloniphekileyo abhuqwabhuqwa yindlala, nezixuku zigangadekile ngukoma.


Amanye amadodana akho owazalayo ayothunjwa, abe ngabathenwa esigodlweni senkosi yaseBhabhele.”


USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.


Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


“ ‘Kanjalo njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngenxa yobubi bawo, “ngiyakwenza kanjalo kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, ezikhulwini zakhe, ensalini yaseJerusalema, abasele kuleli lizwe nabakhe eGibhithe, kusho uSimakade.


Inkosi uZedekiya yathi kuJeremiya: “Ngiyabesaba abaJuda abahlubukele kumaKhaledi, funa nginikelwe kubo, bangiphathe kabi.”


Inkosi yaseBhabhele yabashaya, yababulala lapho eRibhila, eHamathi. UJuda wathunjwa kanjalo-ke ezweni lakubo.


Bonke abakhuzi bempi ababesehlane namabutho abo, bezwa ukuthi inkosi yaseBhabhele ibeke uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, ukuba abe ngumbusi ezweni, nokuthi inikele kuye abesilisa, abesifazane, abantwana, nezimpofana zezwe abangathunjelwanga eBhabhele;


Khona uDaniyeli wabuyisela impendulo ngokuhlakanipha nangokuqonda ku-Ariyokhi, induna yemilindankosi, owayephumile ukubulala abahlakaniphileyo baseBhabhele;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite