Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 39:6 - IsiZulu 2020

6 Inkosi yaseBhabhele yabulala amadodana kaZedekiya eRibhila phambi kwakhe, ebuka; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya eRibila phambi kwamehlo akhe; futhi inkosi yaseBabele yabulala bonke abakhulu bakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya eRibila phambi kwamehlo akhe; inkosi yaseBabele yabulala zonke izikhulu zakwaJuda.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 39:6
19 Referans Kwoze  

Inkosi yaseBhabhele yawabulala amadodana kaZedekiya ezibonela ngawakhe amehlo. Yazibulala zonke nezikhulu zakwaJuda eRibhila.


Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


Amadodana kaZedekiya abulawa phambi kwakhe, uZedekiya amkhipha amehlo, ambopha ngamaketanga, amyisa eBhabhele.


Uyakusanganiswa yilokho oyokubona ngamehlo akho.


Abantwana babo bayophohlozwa bebuka, izindlu zabo ziphangwe, omkabo badlwengulwe.


Ngingakumela kanjani ukubona ububi behlela abantu bakithi na? Ngingakumela kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”


Bheka, ngiyakukubuthela kokhokho bakho, uyakubuthelwa ethuneni lakho ngokuthula, amehlo akho awayukububona bonke ububi engiyakubehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhe kuyo.’ ” Baphindisela leli lizwi enkosini.


Ngakho-ke ngiyokubuthela kokhokho bakho, ubuthelwe edlinzeni lakho ngokuthula, amehlo akho awayukukubona konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo.’ ” Base bebuyisela enkosini lelo lizwi.


Ngingabuyela kanjani kubaba engekho umfana na? Funa ngibone okubi okungahle kwehlele ubaba.”


Wasuka wathi qekelele, wahlala phansi ibanga elingangokuciba umcibisholo, ngokuba wathi: “Mangingakuboni ukufa komfana.” Wahlala phansi phambi kwakhe wadazuluka, wakhala.


Bayolibiza ngokuthi: umbuso ongelutho, abantu nezikhulu zalo bayakuba yinto engelutho.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngizokwenza uzesabe wena luqobo, wesatshwe nayibona bonke abangani bakho. Bayokuwa ngenkemba yezitha zabo, ubuka ngawakho amehlo, uJuda wonke ngiyakumnikela esandleni senkosi yaseBhabhele; iyobathumbela eBhabhele, ibabulale ngenkemba.


Wena awuyukuphunyuka esandleni sayo; uyakubanjwa nokubanjwa, unikelwe esandleni sayo; niyakubonana ubuso nobuso nenkosi yaseBhabhele, nikhulume umlomo nomlomo; uyakuya eBhabhele.


“Bonke abafazi bakho nezingane zakho bayobayisa kumaKhaledi. Wena awuyukuphunyuka esandleni sabo, kodwa isandla senkosi yaseBhabhele siyakukubamba, nalo muzi ushiswe ngomlilo.”


bayakuza kuwe bakuthelekele ngezikhali, izinqola, okunamasondo, nesixuku sabantu, bayakukuvimbezela nxazonke ngamahawu nezihlangu, nezigqoko zempi. Ngiyakubanika igunya lokwehlulela, bayakukwehlulela ngezehlulelo zabo.


Thatha okukhethekileyo emhlanjini, ukhwezele izikhuni phansi kwalo, uligxabhise impela, kuphekwe namathambo kulo.”


Kuyakuthi ngosuku lomhlatshelo kaSimakade, ngijezise izikhulu namadodana enkosi, nabo bonke abembethe izingubo zabezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite