Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 39:5 - IsiZulu 2020

5 Kepha impi yamaKhaledi yabahubha, yamfica uZedekiya ezinkalweni eJerikho, yambamba, yamyisa kuNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, owayeseRibhila eHamathi, wamgweba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha impi yamaKaledi yabaxosha, yamfica uSedekiya emahlane aseJeriko, yambamba, yamkhuphulela kuNebukadinesari, inkosi yaseBabele, eRibila ezweni laseHamati, wamahlulela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kodwa impi yamaKaledi yabaxosha, yamfica uZedekiya emathafeni aseJeriko; sebemthathile, bamyisa kuNebukadinesari, inkosi yaseBabele, eRibila ezweni laseHamati, lapho ahlulela khona.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 39:5
26 Referans Kwoze  

UFaro Nekho wamvimbezela eRibhila eHamathi, ukuze angabe esabusa eJerusalema; izwe walithelisa intela engamathalenta esiliva ayikhulu nethalenta legolide.


Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli besakanise eGiligali bagubha uMkhosi wePhasika esigodini iJerikho, kusihlwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala.


“Bonke abafazi bakho nezingane zakho bayobayisa kumaKhaledi. Wena awuyukuphunyuka esandleni sabo, kodwa isandla senkosi yaseBhabhele siyakukubamba, nalo muzi ushiswe ngomlilo.”


Kepha uma ungazinikeli ezikhulwini zenkosi yaseBhabhele, lo muzi uyakunikelwa esandleni samaKhaledi, awushise ngomlilo, wena awuyukuphunyuka esandleni sawo.’ ”


Kwawela phambi kukaSimakade amadoda ayizi-40 000 ayehlome ephelele alibangisa emathafeni eJerikho ukuyolwa.


Ogcotshiweyo kaSimakade, ongukuphila nomphefumulo wethu, wakhalakathela emigodini yabo, esathi ngaye: “Uyoba ngumthunzi wethu wokukhosela phakathi kwezizwe.”


UJuda usekuthunjweni, ngenxa yokuhlupheka nangenxa yobugqila obukhulu; uhlala phakathi kwezizwe, akakutholi ukuphumula. Bonke abamxoshayo, bamficile phakathi kobuhlungu.


Umoya omkhulu kunalokho uyakuphuma kimi. Manje ngiyakukhuluma, ngibagwebe.”


USimakade wabehlisela abakhuzi bempi yenkosi yase-Asiriya. Zambamba uManase, zambopha ngamaketango nangozankosi, zamyisa eBhabhele.


Ayibamba inkosi ayiletha enkosini yaseBhabhele, eRibhila, ayehlulela.


Inkosi yase-Asiriya yalanda abantu eBhabhele, eKhutha, e-Ava, eHamathi, naseSafarivayimi, yabahlalisa emizini eSamariya endaweni yabakwa-Israyeli, balidla iSamariya, bahlala emizini yakhona.


UThoyi, inkosi yaseHamathi, wezwa ukuthi uDavide uyinqobile yonke impi kaHadadezeri,


Kwakuyilezi izizwe: amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo wonke amaKhanani, amaSidoni, amaHivi ayehlala entabeni iLebhanoni, kusukela entabeni iBhali Hermoni kuze kube seHamathi.


nezwe lamaGebhali nalo lonke iLebhanoni kuya empumalanga, kusuka eBhali Gadi phansi kwentaba iHermoni kuya eLebo Hamathi,


Bahamba-ke, balihlola izwe kusukela ehlane iSini kuze kube seRehobhe ngasekungeneni eHamathi.


Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


“ ‘Kanjalo njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngenxa yobubi bawo, “ngiyakwenza kanjalo kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, ezikhulwini zakhe, ensalini yaseJerusalema, abasele kuleli lizwe nabakhe eGibhithe, kusho uSimakade.


Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Bhekani, ngizakumnikela uFaro Hofira, inkosi yaseGibhithe, esandleni sezitha zakhe nasesandleni salabo abafuna ukuphila kwakhe, njengalokhu nganikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhiloni, isitha sakhe esasifuna ukuphila kwakhe.’ ”


Mayelana neDamaseku. “IHamathi ne-Ariphadi kujabhile, kwaphela amandla, ngokuba kuzwe izindaba ezimbi, kukhathazekile njengolwandle, olungenakuthula.


bayakuza kuwe bakuthelekele ngezikhali, izinqola, okunamasondo, nesixuku sabantu, bayakukuvimbezela nxazonke ngamahawu nezihlangu, nezigqoko zempi. Ngiyakubanika igunya lokwehlulela, bayakukwehlulela ngezehlulelo zabo.


Siyethusa, siyesabeka; kuphuma kuso ukwehlulela kwaso nesithunzi saso. ukuthi yini elungileyo.


Bonke ababusi benu babaleke kanyekanye, babanjwa ngaphandle kokusebenzisa iminsalo. Bonke abakini abatholakala, babanjiwe noma babebalekele kude.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite