Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 39:4 - IsiZulu 2020

4 Kwathi lapho uZedekiya, inkosi yakwaJuda, nawo wonke amabutho bebabona, baphulukundlela, babaleka ebusuku emizini, bahamba ngendlela yensimu yenkosi, ngesango eliphakathi kwezingange zombili; bahamba ngendlela eya e-Arabha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwathi lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda nawo onke amadoda empi bezibona, babaleka, bephuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi ngesango phakathi kwezingange zombili; waphuma ngendlela yase-Araba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kwathi uZedekhiya inkosi yakoJuda ebabona lawo wonke amadoda empi, babaleka baphuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi, ngesango phakathi kwezingange zombili, waphuma endleleni yasethafeni.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 39:4
17 Referans Kwoze  

Onejubane ngeke aphunyuke; onamandla akayukuzihlenga ngamandla akhe, neqhawe aliyukuyisindisa impilo yalo.


UHezekiya waziqinisa, wakha lonke ugange lomuzi olwaludiliziwe, wamisa imibhoshongo phezu kwalo; wakha nolunye ugange ngaphandle. Waqinisa iMilo emzini kaDavide, wenza izikhali nezihlangu okuningi.


“Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuwetshatha umthwalo ehlombe kusihlwa, sihambe. Bayakugebhula ugange ukuze kukhishwe khona umthwalo; siyokwemboza ubuso baso, ukuba singaliboni izwe ngamehlo aso.


“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.


“ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo.


Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.


Nakhe indawo yokugcina amanzi phakathi kwezindonga ezimbili, ukugcina amanzi echibi elidala. Kodwa anibhekanga kulowo owalenzayo, animnakanga lowo okade wanquma ukulenza.


UZedekiya, inkosi yakwaJuda, ayiyukuphunyuka esandleni samaKhaledi, kodwa uyonikelwa nokunikelwa esandleni senkosi yaseBhabhele, akhulume nayo umlomo nomlomo, ayibone ubuso nobuso.


Uyowukhipha umthwalo wakho emini bekubuka, njengomthwalo wabaya ekuthunjweni. Wena uyakuphuma kusihlwa bekubuka, njengalabo abaya ekuthunjweni.


Bonke ababusi benu babaleke kanyekanye, babanjwa ngaphandle kokusebenzisa iminsalo. Bonke abakini abatholakala, babanjiwe noma babebalekele kude.


Nokho ngizolikhathaza i-Ariyeli, kuzoba nokukhala nokulila, lizofana ne-Ariyeli.


Inkosi yaseBhabhele iyomyisa eBhabhele, uZedekiya, ahlale lapho ngize ngimjezise, kusho uSimakade; noma nilwa namaKhaledi, aniyukuphumelela.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite