Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 39:14 - IsiZulu 2020

14 ukuba uJeremiya akhishwe egcekeni labalindi. Bamedlulisela kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 bathuma bamkhipha uJeremiya egcekeni letilongo, bamnikeza kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bathumela bamthatha uJeremiya egcekeni letilongo bamnikela kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amlethe ekhaya; ngalokho wahamba wayohlala phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 39:14
18 Referans Kwoze  

UJeremiya wasala egcekeni labalindi kwaze kwaba wusuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.


Kepha isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya ukuba anganikelwa esandleni sabantu, ukuze bambulale.


Inkosi yayala uHilikiya, umphristi, u-Ahikamu, indodana kaShafani, u-Akhibhori, indodana kaMikhaya, uShafani, umbhali no-Asaya, inceku yenkosi, yathi kubo:


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngemva kokuba uNebuzaradani, induna yabalindi, isimkhululile eRama, ngesikhathi imthatha, wayesaboshwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda, abathunjelwa eBhabhele.


Izwi likaSimakade lafika kuJeremiya ngesikhathi esavalelwe egcekeni lejele, lathi:


Base bemdonsa ngezintambo, bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni labalindi.


UZedekiya, inkosi, wayeseyala ukuba uJeremiya bambeke egcekeni labalindi, bamnika nsuku zonke iqebelengwane lesinkwa elivela emgwaqweni wababhakizinkwa, kwaze kwaphela sonke isinkwa emzini. UJeremiya wahlala-ke egcekeni labalindi.


Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaSimakade lamhola.


UHilikiya umphristi, u-Ahikamu, u-Akhibhori, uShafani, no-Asaya baya kuHulda umphrofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo, owayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili, bakhuluma naye.


Inkosi yayala uHilikiya, u-Ahikamu indodana kaShafani, u-Abhidoni indodana kaMikha, uShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi:


Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBhabhele yalivimbezela iJerusalema. UJeremiya, umphrofethi, wayevalelwe egcekeni labalindi elalisesigodlweni senkosi yakwaJuda.


UNebuzaradani induna yabalindi, uNebushazibhani induna yezinceku, uNerigali Sarezeri induna yabaphristi, nezikhulu zonke zenkosi yaseBhabhele, bathumela,


Engakathathi isinqumo, yathi kuye: “Buyela kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, inkosi yaseBhabhele embeke ukuba abe ngumbusi obusa imizi yakwaJuda, uyohlala naye phakathi kwabantu, noma-ke uyakuya noma kuphi lapho uthanda ukuya khona.” Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho, yamdedela ukuba ahambe.


UJeremiya wayesehamba, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayeseMizpha, wahlala naye nabantu ababesele ezweni.


Kwathi ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya ka-Elishama, ongowozalo lwasebukhosini futhi engomunye wezikhulu zenkosi kanye namadoda alishumi, bafika kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu eMizpha, badla khona ukudla ndawonye.


Inkosi uJehoyakimi yathumela amadoda eGibhithe, u-Elinathani, indodana ka-Akhibhori namanye amadoda, baya eGibhithe.


Bonke abakhuzi bempi ababesehlane namabutho abo, bezwa ukuthi inkosi yaseBhabhele ibeke uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, ukuba abe ngumbusi ezweni, nokuthi inikele kuye abesilisa, abesifazane, abantwana, nezimpofana zezwe abangathunjelwanga eBhabhele;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite