Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 38:21 - IsiZulu 2020

21 Kepha-ke uma wala ukuyozinikela, uSimakade ungibonise leli lizwi, elithi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kepha uma wala ukuphuma, yileli zwi uJehova angibonisile lona lokuthi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kodwa uma wala ukuphuma, leli yizwi uJehova angibonisa lona:

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 38:21
20 Referans Kwoze  

Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


Kuphela yazini nokwazi ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, phezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngokweqiniso nguSimakade ongithume kini ukuba ngisho wonke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


Uyakuphindisela ngokuthanda kwakho yini, njengoba usenqaba isifundiso sami na? Ngokuba nguwe ozakukhetha, hhayi mina; khuluma okwaziyo.


“Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe.


‘Noma ngabe uBhalaki ubenganginika isigodlo sakhe sigcwele phama isiliva negolide, anginakuleqa izwi likaSimakade ngenze noma yini, okuhle noma okubi, ngizosho kuphela lokho uSimakade azongitshela ukuthi ngikusho na?’


USimakade wathi kuMose: “Kuyoze kube nini nenqaba ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?


Kepha uJeremiya, wathi: “Abayukukunikela. Ake ulilalele izwi likaSimakade engilikhuluma kuwe, ukuze kube kuhle kuwe, usindise umphefumulo wakho.


bheka, bonke abesifazane abasele esigodlweni senkosi yakwaJuda bayakukhishelwa ezikhulwini zenkosi yaseBhabhele. Uyabona-ke, bayakuthi: “ ‘Abahlobo bakho bakwedukisile, bakwehlula; kodwa lapho izinyawo zakho sezibishe exhaphozini, babuyela emuva.’


Wenza okubi phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe. Akazithobanga phambi kukaJeremiya, umphrofethi owayengumlomo kaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite