Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 38:2 - IsiZulu 2020

2 “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, kodwa ozophuma aye kumaKhaledi, uyakuphila; nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila, nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Usho kanje uJehova, uthi: “Osala kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo; kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila; ngokuba uyakuba yimpango ukuphila kwakhe, aphile.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 38:2
20 Referans Kwoze  

Impela ngiyakukukhulula, awuyukuwa ngenkemba, kodwa ukuphila kwakho kuyofana nempango kuwe, ngokuba ungethembile, kusho uSimakade.’ ”


Wena uzifunela izinto ezinkulu na? Qha, ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele kubantu bonke, kusho uSimakade, ngikunike ukuphila kwakho kube njengempango, kuzo zonke izindawo oyakuya kuzo.’ ”


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo nakumakhelwane wakhe. Bhekani, ngizakumemezela ukukhululeka kini, kusho uSimakade. Ngizokhulula inkemba, ubhubhane nendlala; nginenze nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kakhulu kangakanani, lapho sengithumela eJerusalema izehlulelo zami ezine ezimbi: inkemba, indlala, izilwane zasendle nobhubhane, ukuba kubhubhise izilwane nabantu okukulo!


Kuyakuthi bonke abantu abayakulibhekisa eGibhithe ukuba bagogobale khona; bafe ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, akuyukuba bikho oyosinda, aphunyuke enhlekeleleni engiyobehlisela yona.’


“ ‘Ngaphandle yinkemba, ngaphakathi wubhubhane nendlala. Osensimini uyakufa ngenkemba, osemzini abhuqabhuqwe yindlala nobhubhane.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Shaya ihlombe ngesandla sakho, ugxobe ngonyawo lwakho, bese uthi: “Maye, ngenxa yazo zonke izinengiso zezenzo ezimbi zendlu yakwa-Israyeli!” “ ‘Bayakufa ngenkemba, ngendlala nangobhubhane.


“Ngiyobajezisa bonke abahlala eGibhithe njengoba ngajezisa iJerusalema ngenkemba, ngendlala nangobhubhane.


Ngakho-ke yazini ngokweqiniso ukuthi niyakufa ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, niyofela kuleyo ndawo enifisa ukuya kuyo ukuba niyogogobala khona.”


Ngiyakubalandela ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, ngibenze into esabisayo emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, incithakalo, into enximfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,


Uyakufelani wena nabantu bakho ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, njengalokho uSimakade akukhulumile maqondana nesizwe esingayukuyikhonza inkosi yaseBhabhele na?


“ ‘Kanjalo njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngenxa yobubi bawo, “ngiyakwenza kanjalo kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, ezikhulwini zakhe, ensalini yaseJerusalema, abasele kuleli lizwe nabakhe eGibhithe, kusho uSimakade.


‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakuziguqula izikhali zokulwa ezisezandleni zenu, enilwa ngazo nenkosi yaseBhabhele namaKhaledi anivimbezeleyo, angaphandle kogange, ngizozibuthela phakathi kulo muzi.


Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBhabhele, siyikhonze; leso sizwe ngiyakusiyeka ezweni laso, sililime, sihlale kulo, kusho uSimakade.” ’ ”


Ngokuba usho kanje uSimakade enkosini ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nakubo bonke abantu abahlala kulo muzi, abafowenu abangayanga nani ekuthunjweni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite